Liyelulama iphoyisa elidutshulwe umkhulu ona 76

 

LIYALULAMA iphoyisa laseHillcrest uConstable Sibusiso Tembe (35) odutshulwe umlisa oneminyaka engama-(76) entathakusa yanamhlanje ngoLwesihlanu KwaNqetho ngaseHillcrest.

Lo mlisa ogama lakhe elingakadalulwa , ubethungathwa ngamaphoyisa ngecala lokubulala ngesikhathi amaphoyisa egasela emzini wakhe.

Ngokombiko wamaphoyisa,  ngesikhathi amaphoyisa  egasela emzini kamsolwa kukhona akade sebelume umsolwa  indlebe novele waphuma nesibhamu wadubula amahlandla amahlanu kwalimala iphoyisa elilodwa.

Umsolwa ubefunwa ngecala lokubulala uMnuz Sibusiso Bhengu (32) ngenyanga edlule ,  nokusolwa ukuthi wamshaya mwqede wamhudula ngemoto emsola ngokuntshontshela imoto wagcina eshonele esibhedlela.

Umsolwa uzovela enkantolo yasePhayindane nalapho azobe  ebhekene khona  necala lokubulala,  elokuzama ukubulala kanye nelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Umsolwa usagcinwe esitokisini saseHillcrest.

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Beselizoshada iphoyisa elidutshulwe nezigebengu eHammarsdale