Amazulu asazoqhubeka nesikhwama sika-Sugar Ray Xulu

USihlalo waMaZulu Trust uLunga Sokhela noMpho Dintwa besemdlalweni iSugar Ray Benefit Match ePrincess Magogo Stadium.Isithombe: Nash Ngcobo.

 

USIHLALO woSuthu uLunga Sokhela utshele leliphephandaba ukuthi basezinhlelweni zokuqhubeka nokuqokelela isikhwama iSugar Ray Legacy ezosiza nezinye izinkakha ezazidlalela leli qembu.

Ukubeke kwacaca ukuthi kuningi okuzobhekwa ngaphambi kokuthi umdlali ahlomule kulesi sikhwama.

“Sisazohlanganisa amakhanda njengeqembu sibheke imigudu okufanele siyilandele ngaphambi kokunikeza umdlali imali. Izinto engicabanga ukuthi sizozibheka wukuthi umdlali wadlalela iqembu isikhathi esingakanani, wayekuliphi izinga kanjalo nemidlalo ayidlala.Ngeke kuqhamuke umdlali ethi ufuna ukulungiselwa udonga lwakwakhe ngoba nakhu wayedlalela uSuthu,”kuchaza uSokhela.

Uthe bahlele ukuba nomkhankaso wokuqwashisa ngesifo somdlavuza ngokuthola inhlangano engakho kuHulumeni (NGO) abazosebenzisana nayo ekulweni naso abazosebenza nayo ekukhuphuleni lesi sikhwama.

“Sizophonsa esivivaneni imali engango-R20 000 ezinhlelweni ezilwisa nesifo somdlavuza sikhankase siqhakambise nubungozi balesi sifo, ngoba kunabantu abangathandi ukuyozihlola kusenesikhathi ukuze sisheshe sinqandeke,” kuqhuba uSokhela.

Ubonge abalandeli ngokubaseka ngesikhathi besungula lesi sikhwama ngoFebhuwari, uveze ukuthi inkakha uSugar Ray useqalile uyazuza kulemali.

‘’Yize singamunikanga imali eyisamba uSugar kodwa sihlele ukumnika ngokwezidingo zakhe, njengeyokudla, eyezindleko zokugula kwakhe, “kuphetha uSokhela.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Isazoqhubeka intuthuko ka-ward 80 eMlazi