Sekungaphezu kwamandla okwesiteleka sasePhayindane –Dhlomo

Abasebenzi bebebhikisha kanje ngaphandle kwamasango aseChild And Youth Care Centre (CYCC) ePhayindane ngoMsombuluko. Isithombe: Zama Mathonsi.

 

ALUKAKAZIWA  usuku okuzoqalwa  ngalo  ukusebenza  eChild  And  Youth Care Centre  ( Place  of Safety)  ePhayindane  kulandela ukuvalwa kwayo  ngoMsombuluko  ngenxa  yabasebenzi abebetelekele  amaholo.

Lesi siteleka sidalwa  wukunganeliswa  kwabasebenzi  ngamaholo  aloMnyango  eNingizimu  Afrika yonke yize   befunde ngokulinganayo  futhi benza umsebenzi ofanayo.

Okhulumela  abasebenzi uMnuz  Bheki Sibiya  uthe  abasebenzi  bafuna  ukuthi  osonhlalakahle bahole  imali elinganayo  okuyi-R25 000 kuzo zonke  izifundazwe  njengoba KwaZulu-Natal behola uR19 000.

Uqhubeke ngokuthi abahlanza lendawo kufanele baholelwe u-R5000. Ukuvalwa kwalesi sikhungo  kulandele  ukubulawa  kwesisebenzi ebesisebenza ngesikhathi kutelekilwe uMnuz Meshach  Ntshangase, nokusolakala ukuthi  ubulawe yiziboshwa  ngenhloso  yokuthi  zeqe nokumanje ezingakatholakali.

UMnuz  Sibiya  uqhube wathi  :   “Kwizifundazwe  eziyi- 9 abasebenzi abaholelwa imali elinganayo. KwaZulu-Natal uDepartment of Social Development (DSD)  yiwona oholelwa imali encane kunezinye izifundazwe.  Thina  sifuna iholo losonhlalakahle  linyukele kwisigaba sesi- 8 lapho bezothola khona imali eyizi-R 25 000 bese kuzothi laba  abahlanza lendawo bahole R5 000.” kubeka Mnuz Sibiya.

Uphethe ngokuthi abazi lutho ngokwenzeke  ngaphakathi ngesikhathi kuhlaselwa uMnuz Ntshangase,  uqhube ngokuthi bona bebeteleka ngaphandle kusukela ngo -6 ekuseni ngoMsombuluko.

Obambe njengoNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natali uDkt Sibongiseni Dhlomo usigxeke kakhulu  isiteleka sabasebenzi abangaphansi kwenhlangano iNational Education And  Health Workers Union (Nehawu) abasebenzela lomnyango.

“’Isiteleka  sabasebenzi be(CYCC) singaphezulu kwethu ngoba asenzeki kwisifunda kuphela kodwa inkinga  kazwelonke,singuMnyango asihambisani nesiteleka esinodlame futhi abantu kumele bangaphoqi abanye abasebenzi kuthi basingenele  uma bengathandi.”

“Ukuvulwa kwesikhungo esisePhayindane akulele  kuthina ngoba vele sivalwe-nje ngoba abasebenzi bengekho betelekile kodwa uma bengabuya singavulwa noma yinini,” kubeka uNgqongqoshe Dhlomo.

Okhulumela lomnyango uNkk Ncumisa  Ndelu uthe  kusenzima  ukuqagula ukuthi sizovulwa nini isikhungo sasePhayindane.

UWarrant Officer  Mazwi Maphumulo  wamaphoyisa asePhayindane   uthe namanje akukaboshwa muntu,  amaphoyisa asaphenya.

 

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Bakhala bezithulisa abangani bomnini wetekisi obulewe