Kuvuke isilonda emndenini   ngowanyamalala

 

KUVUKE isilonda emndenini waseBhobhonono KwaXimba ngelunga lawo elanyamalala nyakenye ngesikhathi kubikwa ukuthi lagqitshwa endaweni thize kule ndawo.

Amaphoyisa aseThekwini, eMgungundlovu nasePitoli ophiko lweLocal Crime Record Centre (LCRC) ngoMsombuluko abuye elambatha ngesikhathi ezama ukuthola lesi sidumbu okusolakala ukuthi lona wesifazane wabulawa wagqitshwa.

Umthombo weKZN Eyethu okulendawo utshele leli phephandaba ukuthi lokhu kwenzeke ngemuva kokuba amalunga omndeni atshelwe yisangoma ukuthi siyamubona lona wesifazane ukuthi ugqitshwe kuphi.

Lokho okuthiwa kube sekuqinisa idolo lomndeni ngokuthola ithambo lelunga lawo elingaziwa ukuthi lashona kuphi.

Kodwa kuphenduke usawoti enxebeni ngesikhathi lamaphoyisa abehlola lendawo ehambisana nawendawo ebuye elambatha ngokushiwo yilesi sangoma.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Azikapholi izilonda emndenini wowabulawa ngesando