Baphume phambili abebesolwa ngokubulala umfana (15)

USbonelo Mchunu owabulawa ngokushawa ngesando ekhanda ngesikhathi ethunywe unina ukuyokhela izikweletu ezitolo ngonyaka ophelile.

 

KUQHUME isililo emalungeni omndeni kamufi (16) ngesikhathi abasolwa bekhishwa phambili ecaleni lokubulala ngesando eHammarsdale.

UMnz Themba Shabalala(28) noMnuz Ndumiso Sibiya(22) babekwa icala lokubulala uSbonelo Mchunu ngesando esiteshini sesitimela ngonyaka ophelile, inkantolo yeMantshi eHammarsdale ibadedelile namhlanje ngoLwesine ngesikhathi bevelile kuyona .

IKZN Eyethu iphinde yathola ukuthi labasolwa baphinda  batholwa benecala lokugqekeza endaweni yaseZibuse Village.

NgoLwesine  kube ukuthela usawoti enxebeni emalangeni omndeni nezihlobo ngesikhathi inkantolo isula amacala ababekwa wona.

Unina kamufi ubengakwazi ngisho ukuzibamba  lapho ebekhihla khona esililo ethi abukho ubulungiswa ezinkantolo.

“Abukho ubulungisa ezinkantolo ukuthi ngempela umtanami usengafa nje kanjalo nababulali benikezwe nje inkululeko, ”  kukhala uNksz Mchunu

  AUTHOR
Mthandeni Madlala

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Babanjwe eMnambithi abasolwa ngokubulala owe-ANC