Akukho okusabambeka ngosizo lukahulumeni ka-Rainbow

UMNUZ Scott Pitman oyiSikhulu esiphezulu kaRainbow Chicken Limited(RCL) Foods. isithombe: Mthandeni Madlala

 

NAKUBA seluhlalelwe phansi nanguHulumeni udaba lwenkampani yomkhiqizo wenkukhu eHammarsdale uRainbow Chicken osufadabala ngenxa yokungenzi nzuzo kodwa akukho okuphathekayo ukuthola isixazululo ngalolu daba.

Lokhu kuvele ngesikhathi iKZN Eyethu ibambe izingxoxo noyisikhulu esiphezulu kulenkampani uMnuz Scott Pitman oveze ukuthi akukho osekubekwe etafuleni uHulumeni ukuhlenga lomkhumbi ozikayo.

“Sizwile oNgqongqoshe beveza ukuthi bazofaka isandla ukungenelela kule nkampani kodwa kuze kube imanje akukho oseke kwenzeka kwabakushilo ngesikhathi sixoxisana nabo”

Lesi Sikhulu sikhombise ukulahlekelwa ithemba ngezithembiso.

“Sizimisele ukuthatha ezinye izinyathelo futhi okuzophinda kugadle futhi kubasebenzi abasele njengoba singekho isixazukulo esikhona ngenkinga inkampani ebhekene nayo,” kusho lesikhulu.

Le nkampani isifake amapulazi ayi-13 endalini, sidayise elilodwa elise-Umlaas Road.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kuklonyeliswe amaphoyisa abophe osolwa ngokudlwengula