Ungqongqoshe wezempilo ushayele uNjilo ihlombe

Kungesikhathi uDktl Sbongiseni Dhlomo ezivocavoca neMeya yoMsunduzi uKhansela Themba Njilo ngoLwesibili ntambama. Iisthombe :Lethiwe Makhanya

 

UNGQONGQOSHE  wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu Natali uDktl Sbongiseni Dhlomo useshayele ihlombe iMeya yomasipala uMsunduzi uKhansela  Themba Njilo ngokusungula uhlelo lokuzivocavoca ngaphandle kwase   City  hall noseludonse amakhulu abantu abajoyinile.

UDhlomo  ubengabanye akade bejima lapha ngoLwesibili ntambama kanye naye uNjilo.

UDhlomo uthe benguMnyango wezeMpilo bayaziqhenya ngaloluhlelo lokuzivocavoca olugcina abantu bephilile.

” Kungokokuqala ngqa ukuthi  sibone into efana nalena. Kuyasijabulisa ukubona uNjilo  ezihlupha ngokugcina abantu bejabulile futhi bephile kahle. Kungumsebenzi wethu njengomnyango ukwenza lokhu ingakho sithanda ukumbonga .  Into enhle kakhulu lena ayenzayo iyasijabulisa kakhulu. Asiside isikhathi engenile njengeMeya kodwa usekwazi ukuthi avule indawo efana nalena.  Lento iyakhuthaza kakhulu uma singenza kanje siqhubeke. Uyabona labantu abasha abagcwele la uma bephuma baya kogeza balale nokugcina sekubaqhelanisa nokwenza izinto ezingalungile ezifana nezidakamizwa kanye nokuhamba nama blesser. Le video ekade yenziwa lapha nje ngizohamba ngikhombisa ngayo yonke indawo ukuze nabo bezobona bakhuthazeke ,” kubeka uDhlomo .

Uphinde waveza  ukuthi akagcinile ukuzovakashela lendawo azozivocavoca kodwa usazophinde abuye, waphinde wanxusa labo akade  ezivocavoca   nabo ukuba banxenxe nabanye ukuba  bajoyine lololuhlelo ukuze  bezohlala  bephilile.

Uphinde wabalula ukuthi  uma sekwethula isabelo zimali uMnyango wakhe uzolubhekelela lolu hlelo .

IMeya uNjilo uthe ujabule  kakhulu ngendlela lolu hlelo olukhula ngayo njalo. ” Ngijabula kakhulu njengoba sengizwe ngoNgqongqoshe  ethi uzosilekelela loko kunginikeza umdlandla wokuthi ngiqhubekele phambili,”kusho uNjilo .

Uqhube wathi yize loluhlelo ayelenzele abasebenzi balo masipala kodwa manje  wonke umuntu wamukelekile kanti kumahhala.

“Baningi abantu asebejoyinile kanti nendawo yethu isiqala ukuba ncane sesizogcina sisukile saya eFreedom square lapho  sizokwazi ukuthi samukele khona abantu abayinkulungwane. Sifuna ukugcina abantu bejabulile ngiyafisa ukuthi lokhu kuqhubeke  kuze kuye nasemawadini.”

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kuvele elomhlathi iMeya ibanikezela ngomfaniswano