I-ANCYL isabisa ngokuvala wonke amagatsha ebhange laka-Absa

Kungseikhathi i-ANCYL esifundeni iMoses Mabhida imashele ebhange lakwa-Absa izolo ngoLwesithathu. Iisthombe :Lethiwe Makhanya

 

 

INHLANGANO yentsha yeqembu elibusayo (ANCYL) esifundeni iMoses  Mabhida isisabise ngokuthi izovala wonke amagatsha ebhange laka-Absa ngomhlaka 25 kwephezulu uma  kungukuthi abayitholi impendulo mayelana nemali abafuna ikhokhwe  ilelibhange.

Azinkumbi zabalandeli balenhlangano bamashele kwigatsha laka-ABSA eliku-Church Street  izolo (ngoLwesithathu) eMgungundlovu ngenhloso  yokuphazamisa ukusebenza kwansuku zonke.

UNobhala  walenhlangano esifundazweni uMnu  Thanduxolo Sabela ekhuluma nezinkumbi zabalandeli ngaphandle kwalelibhange,  uthe lomkhankaso owokuthi lelibhange kumele likhokhe imali osekuvele ukuthi liyayikhwabani.

“ Sisanda kuwuqala  lomkhankaso  kodwa sisazoqhubeka . Sizovala wonke amagatsha alelibhange ngomhlaka 25  uma kungukuthi asiyitholi impendulo ngalemali. Sizowavala wonke amagatsha ngezinsuku ezithize . Sizozihlukanisa  sibe amaqoqo siwava le. Lemali le izosiza ukuthi kukwazeke ukutholakala imfundo yamahhala, isize ukuthuthukisa umnotho kuvuleke namathuba emisebenzi kuqashwe intsha,” kubeka uSabela.

USabela  uphinde wakhala ngokuthi leli bhange ilona elinenkohlahlakalo enkulu okudlula zonke ezinye izikhungo.

UNobhala  wesifunda iMoses Mabhida  uThembinkosi Zondi uthe lemashi bekuyindlela abathumela ngayo umyalezo ukuthi bayayifuna lemali ekuthiwa ikhwabaniswe ilebhange. Uthe enye into futhi ukuthi bebefuna kwazisa umphakathi ukuthi lelibhange likhwabanisa izimali zabantu.

Isitatimende esikhishwe iNhloko yezokuthengesa  kulelibhange uDante Mashile uthe lelibhange liyazi ngemibhikiso ekhona  ye-ANCYL kulandela ukuputshuka kombiko womvikeli womphakathi wesifundazwe.  Siqhube sathi lelibhange  lihambise izikhalo zalo kumvikeli womphakathi , nalapho bekhale khona nabathi   akulona iqiniso okuvele kulombiko oputshukile.

Siphinde saveza ukuthi azikho izinyathelo ezizothathwa  ilelibhange ezizovimba uphenyo oluqhubekayo  lukamvikeli womphakathi, kodwa basebenzisana ngokusondelana nabezomthetho ukuqinisekisa ukuthi azikho izigameko ezenzekayo ngesikhathi kuqhubeka lemibhikisho.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Bazotheleka e-BAT centre abaculi base-Jamaica