Ukuphindile  loko kuma-KZN Capital Maskandi Awards

UBonbgeka Zuma (22) oqokwe kwi Best Poetry. Isithombe : FACEBOOK

 

IPHINDE  yaqokwa kwimncintiswano wezindondo  i-KZN Capital Maskandi Awards 2017  imbongi yase-Elandskop eKhokhwane.

UBongeka ‘Mbongikazi’ Zuma (22)   owenza izifundo ze-Office Administration eMsunduzi TVET college, uqokwe emkhakheni we-Best poetry kanti uyena yedwa owaseMgungundlovu oqokwe kulomkhakha.

Ngonyaka ofile uBongeka waqokwa kumkhakha we-Best message and reciting poetry  wabuya nayo lendondo.

“Ngijabule kakhulu ukuthi ngiphinde ngiqokwe nakulonyaka ngoba loko kukhombisa ukuthi abantu bayawubona kanti futhi bayawuthanda umsebenzi wami, nokuthi uyakhula futhi. Ngicela abantu nje baqhubeke nokungikhombisa uthando ngokuthi  bangivotele ukuze ngizokwazi ukuthi  ngiphinde ngibuye nayo lendondo,” kubeka yena.

Lomcimbi wezindondo uzoba e-City Hall eMgungundlovu ngenyanga kaSebthemba kanti kuzobe sekungokwesithathu wenzeka kulonyaka.

UBongeka osentshontshe izinhliziyo zabantu abaningi ngomsebenzi wakhe waqala ukubhala kanye nokuhaya izinkondlo esasesikoleni nathi wayengazi yena ukuthi wenzani.

“Ngangithi ngicula ihip hop mina othisha bami base bengitshela ukuthi akusiyona ihip hop lena kodwa ngihaya  inkondlo ngaqala lapho ke. Ngaqhubeka ngaqala ngawina imincintiswano lena emincane yasendaweni zaseMgungundlovu kuphela. Ngonyaka odlule  bengiqala  ukuthi ngiqokwe ngiwine emncintiswaneni omkhulu nokwangikhuthaza kakhulu  ukuthi ngiqhubekele phambili,” kubeka yena.

Uqhube wathi uyafisa ukuthi naye agcine eseqokwa emncintiswaneni efana nama-SATMA aphinde awine futhi nakuyona , wathi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi afinyelele amaphuphweni akhe.

Ukuvotela uBongeka ungathumela umqhafazo othi : CAMA best poetry Bongeka Mafahleni. I-sms ibiza u-R1-50 kanti ungavota noma  ikangaki.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Injabulo owase-MUT eshaya ozakwabo emakhanda