UNgqongqoshe uhambele umndeni wobulawe iziboshwa

Ungqongqoshe wezeMmpilo uDktl Sbongiseni Dhlomo okhathazekile ngendaba ye-Bluetooth.

 

OBAMBE njengoNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natali uDkt Sibongiseni Dhlomo nomphathi waloMnyango uNks Nokuthula Khanyile bavakashele   umndeni walowo okusolwa  ukuthi ubulawe  iziboshwa .

UMnuz Meshack Ntshangase waseNkwezela eBulwer, obesebenza njengomphathi wabasebenzi  e-Excelsior Child And Youth Care Centre ePhayindane,  ushaywe iziboshwa zakulendawo  waze washona ngoMsombuluko eshaywa ngezinto ezahlukene okubalwa kuzona nesando .

UDhlomo uhambele  lomndeni namhlanje  (ngoLwesithathu) njengengxenye  yokuyoduduza nokukhombisa ukuthi lomnyango uyazwelana nabo. Uphenyo lusaqhubeka.

 

 

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
UNgqongqoshe ukhalise umndeni wekhansela elibulewe