Kuthunguthwa osolwa ngokubulala eMthulini

Umsolwa ofunw aphansi phezulu

 

UFUNWA uthuli ngabakwa sidlodlo owesilisa osolwa ecaleni  lokubulala izithandani zase ndaweni yase Nottingham Road ngenyanga edlule.

Ngokuthola kwephephandaba uMngeni Eyethu lowesilisa igama lakhe uXolani Brian Ndlovu (32)  kanti uke waboshwa ngaphambilini ngawo amacala okugqekeza ngobudlobongela ezindaweni ezahlukene. Lowelisa udume kakhulu emphakathini ngegama lika Maja.

Kuthiwa lowesilisa wabe esegixabezwa iminyaka eyisikhombisa ebadla ejele okungenzekanga njengoba wahlala iminyaka eyisihlanu kuphela.  Kuthiwa uphume ejele ngenyanga ka Novemba onyakeni ofile.

Ngenyanga edlule amaphoyisa ase Mthulini athola umbiko ngokuduka kwezithandani ezabe zihlala endaweni yomntakabani eyaziwa ngokuthi i-The Bend kumgwaqo u Lotheni.

Lezi zithandana amagama azo kwakungu Mnuz Roger Solik (66) kanye no Nkk Christine  Solik (57).

Emva kokubona ukuthi lezi zithandani zabe zingabonwa nango khalo omunye womakhelwane wazo lezi zithandani wazama ukuzifuna. Uthe uma bengena endlini yazo eyabe igqekeziwe  bathola yonke into imapekentwane kuyo indlu.  Ngenkathi uma amaphoyisa enikele kulendlu yalezi zithandani athola amachaphazelo egazi kanti nemoto yohlobo lwe Hundai 1×35 yayingabonwa. Lemoto yagcine isitholakala yebiwe endaweni yase Taylors Halt.  Lezi zithandani  zatholwa zibulewe emfuleni iNzinga endaweni yase Mpendle.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uKaputeni Nqobile Gwala uthe akwaziwa ukuthi lowesilisa ukuziphi izinkalo.

“Ngokwazi kwethu lowesilisa ujwayele ukuhlala ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo ilokishi lase Mlazi, eMpophomeni, eMafakatini kanye nase France eMgungundlovu,” kusho uGwala.  Uqhube wathi umzimba wakhe ufinyelela kumamitha angu 1.75 ama mitha kanti futhi wakheke kahle emzimbeni.

UGwala unxuse umphakathi ukuba wazise amaphoyisa ngaye lomsolwa kwinombolo 08600 10111  noma uWarrant Officer Mdunge ku 082 368 821

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Bahlalele  ovalweni abaku-Bell Street eHowick