Badedelwe ngebheyili ka-R1000 abasolwa ngokuthumba usana

Caption:UNKSZ Sibongile Mbambo(34) unina wengane nesoka lakhe uMnuz Phumlani Mbokazi (26).Isithombe : IOL Media.

 

BAPHUME ngebheyili yemali engu-R1 000 abasolwa ababili ababhekene necala lokuthumba ingane enenyanga eyodwa izelwe  eGame City eThekwini ngoLwesihlanu ngesonto eledlule.

UNksz Sibongile Mbambo(34)  ongunina wayo lengane, nesoka lakhe uMnuz Phumlani Mbokazi (26) bebevele  enkantolo kaMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu nalapho befike badedelwa khona ngebheyili ka-R1000  umuntu emunye.

Abasolwa babhekene namacala amabili, elokukhwabanisa kanye nelokusebenzisa budedengu izinsizakusebenza zombuso.

Leli cala lihlehliselwe  umhla zi-9 kuMeyi ukuze kubuye imiphumela yolibofuzo njengoba uMbokazi ongumsolwa  eloku e mile ekutheni lolusana ingane yakhe.

Abasolwa baboshwa ngeSonto ngemuva kokuba kutholakale lolusana kwenye  yezimoto eMarianhill Toll Plaza ngesikhathi amaphoyisa evimba zonke izimotio ezingenayo neziphumayo eThekwini.

Usana obeluthunjiwe uSiwaphiwe Mbambo olutholwe ngeSonto.

Abasolwa  kusolwa ukuthi bayabandakanyeka kulokuthunjwa  kwalolusana yize kwaba  unina wengane   owahamba wayobika emaphoyiseni ukuthi ingane yakhe ithunjiwe ngesikhathi eqeda kuyincelisa.

Kuze kube imanje usana lusagcinwe kwabezenhlakahle kuze kubeluyaphothulwa uphenyo.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kuklonyeliswe amaphoyisa abophe osolwa ngokudlwengula