Kuzohlekwa kuze kuvele elomhlathi eMargate

KUYOHLEKWA: Ungaphuthelwa ukuhlangana nosomahlaye abazobe behlekisa ehhotela eDesroches eMargate. Lapha esithombeni kubonakala uFelix Hlophe naye ozobe ekhona.

ABATHANDI bamahlaya basethubeni lokuhleka baze basuze uma behambele umcimbi wosomahlaya ozoba mhla lulunye enyangeni ka-April ehhotela eDesroches eMargate.

Ngokusho komunye wabagqugquzeli balomcimbi uSikelela Gcwabe uthe kulomcimbi  kuyohleka ngisho umuntu ucashe ngaphansi kwamanzi.

Kulomcimbi kuboshelwe omakadebona kwezokuhlekisa. Lapha sibala abantu abafana noFelix Hlophe weGagasi FM, Gabs Ngane ngane, Kepisi the Comedian waseMthwalume kanye nabanye abaninngi.

Amathikithi aseyatholakala ezitolo ezigunyaziwe kanti elijwayelekile libiza amarandi ayikhulu kuphela (R100) bese elezicukuthwane libize amakhulu amabili (R200).

“Ukuze abantu bangazitholi sebengakwazi ukungena kumele basheshe bathole amathikithi. Angeke aze atholakale esangweni ngenxa yokuthi sizama ukugwema isiphithiphithi esingenasidingo.”uGcwabe.

Uphinde waqinisekisa ukuthi lomcimbi uhlelwe yiDurbbing monkey comedy kodwa abantu bangalindeli ukuthi bazobona izinkawu. Amasango ayovulwa ngehora lesihlanu ntambama bese kuqalwa ngelesithupha.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Usele dengwane umphakathi waseSigodini amatekisi ebamba siteleka