Abezitayela bebekwi –Debmarine Namibia Cup

Umsunguli wesikole sebhola lezitayela uPhilani 'Masseru' Gumede nezingane eNamibia ngenkathi beyothula inkulumo. Isithombe:facebook

 

ABADLALI boMlazi Football Freestylers abasanda kuba yizitatanyiswa kwiDebmarine Namibia Cup eWindhoek, sebezobhekisa amabombo eBotswana beyokwenza abadume ngakho khona maduzane.

Lezi zindaba iKZN Eyethu izitshelwe nguBuhle “Som –gee” Goba wakwa-D ongumndlali obehambe nomqeqeshi wakhe uPhilani “Masseru” Gumede.

Uthi bafike banandisa ngezitayela zabo babuye baba nezinkulumo ezakhayo ezinkundleni abebefikele kuyona.

Njengoba bebehambile uthi bebehambe noMnuz Buhle “Som-gee” Goba wakwa D eMlazi oyilungu elidala lama-Freestylers ewaqeqeshile.

Freestyle2&4: UBuhle “Som-gee” Goba wakwa D eMlazi oyilungu elidala lama-Freestylers ewaqeqeshile nezikhulu zaseNamibia. Isithombe: sithunyelwe

“NgoDisemba bengimenywe ukuyonandisa kwi-AFCON ye-Beach Soccer ebiseNigeria lapho bekukhethwa amazwe azoya kwiWorld Cup yalomqhudelwano.Ngibuye ngoFebhuwari, angikwazanga ukuqhubekela ezikoleni zaseNigeria ngenxa yodlame obeluseMzansi lokucwaswa kwabantu bamazwe angaphandle.”

“Kuthe kusenjalo ngathola i-sms evela eNamibia bethi babone  ivideo yethu etholakala kufacebook etholalakala kuMzokoloko videos yeDurban Ball Jugglers,” kusho uGumede.

Umsunguli walesi sikole uGumede uthe bahlaliswe ehhotela likanokusho eNamibia baphathwa kahle.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Yekani ukujabulela  ukuduma –Robbie Malinga