Ihlomule ngamathangi amanzi iBhekumusa Primary School

Abafundi baseBongumusa Primary bakhombise injabulo bethola amathangi amasha amanzi.Isithombe:Sithunyelwe

 

ZIPHELILE izinkinga zokuntula amanzi esikoleni saseNanda iBhekumusa Primary ngesikhathi abakwaSunlight besigixabeza ngamathangi amabili okugcina amanzi ngoMsombuluko.

Uthishanhloko walesi sikole uNkk Maureen Mbatha uthe bekunzima kakhulu bephila ngethangi elilodwa lamanzi, abafundi uma beqeda ukuzikhulula bebesebenzisa amabhakede ukukha amanzi azohambisa indle.

“Manje sekuzoba lula nokuxhuma amapayipi endle, ngisho othisha bebesuka namanzi emakhaya abazowasebenzisa usuku lonke, sibonga kakhulu kwabakwaSunlight,”kubonga uthishanhloko.

UNks Leleti Khumalo ongumlingisi woZalo ubeyingxenye yalo luhlelo, uveze ukuthi bebengazile ukuzoshiya amathangi amanzi kuphela kodwa bebezofundisa izingane ngokongiwa kwawo.

“Ngonyaka odlule sahambela izikole ezingama-300 kuzwelonke sishumayela ivangeli lokongiwa kwamanzi, sibhekene nenkinga enkulu yesomiso ngakho-ke abantu kumele bashintshe indlela abaphila ngayo, njengokuthi umuntu uma egeza ngeshawa angavuleli amanzi egeleze,”kubeka uNks Khumalo.

Lo luhlelo selusize izikole eziningi eziswele amanzi, uma ufuna isikole sakho sihlomule amathangi okugcina amanzi ungenela umncintiswano ngokuthenga insipho iSunlight kwaSpar noma uShoprite bese ufaka isiliphu kwibhokisi ozolifica esitolo esiseduze nawe.

 

 

  AUTHOR
Zama Mathonsi

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Sekuzobhaliselwa izifundo zika“Grade 13” eMhawu High School