Bafisa ukwakha ubuhlobo ngebhola

Iqembu lebhola iBulwer legends okuyilona elidle umhlanganiso.

 

BAFISA ukuba isibonelo esihle  kwintsha esakhula abahleli bemqhudelwano yebhola ezungeza emadolobheni amancane okubalwa kuwo iBulwer, iMpendle, Mooi River kanye ne Howick.

Lokhu bakuveze emva kokusingathwa kwemidlalo ebe impumelelo endaweni yase-Bulwer. Lemidlalo ebihlanganisa amaqembu angu 7 aqhamuka ezindaweni ezahlukene inqotshwe iqembu iBulwer Legends ngamagoli angu 2-1 ishaya iqembu lase Howick emagcekene esikole ase Bulwer Primary School.

Leliqembu linqoba nje ngesikhathi isungulwa lemidlalo ngoNovemba wonyaka ofile lenza esifanayo libhaxabula iqembu lase Mpendle.

Ngokusho kuka Mnuz Nhlanhla Zuma ongumgqugquzeli walemdlalo uthe leliphupho labo laqhuma emva kokubona  ukushoda kwezinto ezakhayo ezenziwa abantu asebekhulile. “ Sifuna ukuphilisana emphakathini. Yingakho saqhamuka naleliqhinga lezemidlalo,” kusho uZuma.

UMthoko Basi oqhamuka endaweni yakwa Hlanganbani eBulwer, ophinde abe ngu Kaputeni uthe bazizwa besese ngemiphumela yabo.

“ Lokhu okwenzekile kuyasijabulisa siphinde sanqoba lendede. Sinesifiso sokuzigwazela ibhece kulemidlalo,” kusho uBasi.

Le ndebe iphinde ibhalwe igama leqembu elilale isibili. IHowick elae isibili ithole ama medals.

UBasi uthe into emgculisa kakhulu ngalemidlalo ukuthi ukwakheka kobuhlobo.

“ Sengiyazi nje ukuthi uma ngikwamanye amadolobha afana njengo Mooi-River, Mpendle kanye nase Howick angisoze ngize ngihlwelwe. Nokuba nje isibonelo kubvantu abasha kubalulekile, “ kusho uBasi.

Lomzungezo wale midlalo uzoqhubeka mhla zingu 28 ku Meyi e Howick nonyaka.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Recommended Story x
#Safa amakhaza ugesi ungekho!!