Kuyakhalwa ngokudlula  kweciko le-Amazing Grace

UThembeka Precious Mbutho udlule emhlabeni ngemumva kokuphathwa ikhanda ebuya emsebenzini ngeledlule kwa F. Isithombe: Sithunyelwe

 

AMACIKO aseMlazi asezwakalise ukudumala ngongudlula emhlabeni kwelinye iciko uThembeka Precious Mbutho (2) wakwa F, odlule emhlabeni ngokuzuma ngeledlule.

UThembeka udlule emhlabeni mhla zingama 10, ngemumva kokuphathwa ikhanda ebuya emsebenzini.

Okhulumela iqembu le-Amazing Grace nongumsunguli walo uNhlanhla Gebashe uthi balahlekelwe ngokudlula emhlabeni kwa Thembeka.

“Silahlekelwe kakhulu siyiqembu, sisanda kuthola umsebenzi kuZalo kuSABC1 ozothatha unyaka wonke. Kusizumile ukuhamba kwakhe ngoba ubengenalutho, siyacela abantu baqhubeke nokusikhulekisa kulesikhathi esinzima esibheke naso kanye nomndeni wakhe,” kusho umphathi uGebashe.

UGebashe uthi inkonzo yesikhumbuzo somgcwabo izoba ngoLwesine ebandleni lase Ark Fellowship Centre kwa F ngo 4 ntambama, kumenywa namaqembu aseMlazi ukuba azomhlonipha kulenkonzo.

Ezinkundleni zokuxhumana sicaphune inkulumo ka Bheko Chiyi ongumsunguli weqembu iSabelo Musical Group nophinde abe yilunga loMlazi Arts, Culture and Tourism Organisation (Umlacto), ubhale kanje:

“Ngokukhulu ukudabuka ngithanda ukunazisa ngokudlula emhlabeni kuka Thembeka Precious Mbutho obehlala ka-F ubeyiciko elisebenze kakhulu ne-Amazing Grace, SMS.

“Uphinde abekhona kwi-Album ka-Andile Mbili ‘Uyanaka uJesu,’ uzofihlwa ngoMgqibelo 18 March 2017, inkonzo yomgcwabo izoba se-Ark kaF. Sengathi engalala ngokuthula.”

UThembeka ufunde amabanga aphansi eNselelo Primary, ePhila waphothula umatikulentsheni wakhe eMbizweni High kwa F.

Ushiye emhlabani umama wakhe, izingane zakhe ezimbili nodadewabo.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Injabulo yodwa kwemuliswa izelamani