UButhelezi usazohlala kwesokuphatha eMngeni

UMeya wase Mngeni uMnuz Sizwe Sokhela okhulelwa ukuthi uMnuz Sandile Buthelezi kumele abambe kwesokuphatha umkhandlu

 

USAZOQHUBEKA nokuqhoqhobala isikhundla sokuphatha uMasipala waseMngeni okwesikhashana uMnuz Sandile Buthelezi.

Lokhu kuhlaluke kumhlangano obuyisipesheli ohlanganisa iziphathimandla kanye namakhansela alomkhandlu ngoMsombuluko ekuseni lapho bekubhungwa khona ngokuthi ngubani okuzomele avale lesi sikhala.

Ngesonto eledlule iphephandaba uMngeni Eyethu labika ngokusocongwa kwaloyo obekufanele angene kwesokuphatha umasipala wase Mngeni uMnuz Sibusiso Sithole owadutshulwa edolobheni Richmond ngoMsombuluko ekuseni.

Ngokuchaza kuka Mnuz Buthelezi obetshela amakhansela uthe ngokomthetho lesi sikhala bekufanele engabe sivalwa uMnuz Sithole okungenzekanga.

“ Injongo yalo mhlangano ukuba kuqashwe uMnuz Max Moyo olale kusibili kwinhlokhono eyenziwa noma kuqalwe kabusha uhlelo lokuthungatha loyo ozovala lesikhala, ” kusho iuMnuz Buthelezi

Ikhansela le ANC uMnuz Sthembiso Nkuna uthe  lenhlangano inesifiso sokuba kuqalwe kabusha ngohlelo lokuba kuqokwe umphathi omusha walomkhandlu.

Uthe ngaphambi kwalokhu bafisa ukuba uButhelezi aqhubeke abambe kulesi sikhundla ngesikhathi kusalindwe izincomo zika Ngqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kulesi sifundazwe uNkk Nomusa Dube-Ncube.  Imvamisa umuntu obamba kulesi sikhundla uhlala izinyanga ezintathu.

UButhelezi uphinde abe yiGeneral Manager kuphiko lwaka Corporate Services.

Ngakolunye uhlangothi inhlangano ye-DA ngomlomo koMholi weKhokha uNkk Pam Passmoor ithe nakuba ihambisana nokubamba kuka Buthelezi inkinga enkulu ukuthi loluhlelo lokuthungatha ozophatha kulo mkhandlu kuyaye kuthathe isikhathi eside njengoba benga baningi abantu abana mava kanye neziqu eziwufanele lomsebenz onjena.

“ Fanele sigweme ukuthi umsebenzi ka Buthelezi wakwa Corporate services ugcine ususalela emumva,” kusho uPassmoor.

UMeya womkhandlu uMnuz Sizwe Sokhela uhambe emazwini ka Mnuz Nkuna wathi kufanele uButhelezi aqhubeke nokubamba. “  Fanele kucace ukuthi injongo yethu akusiyo eyokuba uButhelezi aqhubeke njalo ukubamba kodwa ukuvala sona lesi sikhala esekunesikhathi singavaliwe,” kusho Sokhela.

Lokhu kugcine sekulele ekutheni lezi zinhlangano zigcine sezivota kulokhu. I-ANC ihambe phambil ngama voti angu 12 kwathi eye DA yathola angu 9.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Bayalelwe ukuthi ‘bothe ilanga’ emakhaya abafundi bakamatikuletsheni