Owe ANCYL ugxeka isenzo sokubulawana kwezepolitiki

Esithombeni : UMnuz Thembinkosi Zondi ongu Nobhala wophiko lwentsha lwe ANC kwisifunda i Moses Mabhida

 

UNOBHALA wophiko lwentsha lwenhlangano ebusayo i-ANC  kwisifunda sase-Moses Mabhida uMnuz Thembinkosi Zondi ugxeka isihlava sokubulalana okuhlobene nezepolitiki.

UZondi ukusho lokhu emva kokuthi isifunda sase Mgungundlovu sizikhotha amanxeba emva kokuhlaselwa kuka Mnuz Sbusiso Sithole obeyiMenenja yoMasipala wase Richmond ohlaselwe edolobheni lase Richmond ngesonto eledlule.

“ Uyasikhathaza lomkhuba odla lubi wokubulalana singama comrades. Siyinhlangano yabantu abasha sisembhidlangweni wokulwisana nalokhu,” kusho uMnuz Zondi.

Uthe umphakathi kufanale ngabe ulwisana nezinselelo ezisemqoka ezibhekene nalelizwe okukhona kuzo ukungalingani, ubuphofu kanye nokuntuleka kwamathuba emsebenzi. Uthe okunye okubalulekile ukukhululwa kwalelizwe kwezomnotho.

Uthe into eletha ubunzima obukhulu ukuthi lamacala okubulalana aphelela emoyeni.

“Kwenzeka kanjani ukuthi  umuntu abulawe eduzane nesi sikhungo samaphoyisa? Lokhu kugcina sekusiphoqa ukuba sisole ukuthi izigilamkhuba zingu mdibimunye namaphoyisa. Idolobha lase Richmond idolobha elincane kabi ukuthi izigilamkhuba zinga phuma zingene kanjalo,” kusho uZondi.

Uthe lesi isikhathi sokuba abantu babuyise onembeza babo.  Loluphiko luphinde lwaba ingxenye yemashi ebikhona ngo Lwesihlanu kulo idolobha lase Richmond.

UZondi uthe umphakathi kufanele kube yiyo oba sekhaleni lokulwa nobugebengu . “Into eyaziwayo ukuthi izigilamkhuba siphila nazo. Siyazazi kufanale zibikwe emaphoyiseni ukuze behle ubugebengu.  Siphila esikhathini senkululeko. Ayisekho indaba yokuthi uma umuntu ebikela amaphoyisa kuthiwa impimpi,” kusho uZondi.

Uqhube wathi nohulumeni kufanele ulekelele ezinye izinhlaka ezisebenzisana nezomthetho. “ Sikusho lokhu ngoba siyazi ukuthi amaphoyisa abuye ashode. Ngeke akwazi ukuba kuzo zonke izindawo ngezikhathi, ” kusho uZondi.

  AUTHOR
Mfundo Mkhize

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Bafuna athathelwe izinyathelo u-Bathabile Dlamini