Bacishe  bemuka namagagasi eThekwini

Isimo besishube kanje emabhishi aseThekwini ngenkathi kunamagagasi anamandla izolo. Isithombe: Rescue Care

 

UMNYANGO wezamabhishi eMkhandllwini weTheku  ukumise nse ukubhukuda nokusondela eNorth Beach, kulandela ulaka olukhonjiswe wulwandle olugubha amagagasi akaphakele onqenqemeni izolo (ngeSonto).

Nakuba kungakaziwa ukuthi abantu bazovunyelwa nini ukusondela  ebhishi, kuyacaca  ukuthi kungase kuphele izinsuku ezintathu kuvalwe yonke into  esondela olwandle.

Lamagagasi abebizwa ngamaHigh Tides, ahambisana nomoya ovunguzayo ngenhlanhla akulimalanga muntu kulo lulaka.

Lokhu kulandela ukuqubuka kweCyclone Enawo okubikwa ukuthi yenzekile eMadagascar ngeledlule yadlula nabangama-50.

Abantu abaningi bakhumbule iTsunami yaseThailand ka-2004. Aluqali ukuba nolaka olungaka ulwandle lwaseThekwini yize lungafananga nolweTsunami.

Amabhishi abevaliwe yiNorth neBlue Lagoon ngoba kusatshelwa umonakalo ongase wenzeke.

Okhulumela abosizo oluphuthumayo lokuqala iRescue Care uMnuz uGarrith Jamieson uthi lamagagasi abengalawuleki.

“Noma amagagasi abenolaka kodwa sithe sifika endaweni yesehlakalo kungekho abantu abebebhukuda okubikwe ukuthi baminzile noma abathole ukulimala,” kusho uMnuz Jamieson.

Isikhulu sikaMasipala weTheku esibhekele amabhishi uMnuz Thembinkosi Ngcobo  sithe abakabi nasiqiniseko sokuthi azovulwa yini namhlanje ngoMsombuluko. Konke kuzoba kubanikazi bamabhizinisi athintekile.

EBlue Lagoon izolo ngeSonto ngo-13h00, abantu bebesangena yize beseziqalile izimpawu zomoya onamandla namagagasi engazibekile phansi.

Kusize abaqaphi akhiphe abebebhukuda olwandle esabela ingozi ebizokwenzeka.

Obezobhukuda uNkk Gugugulethu Zwide uthi bafike ebhishi batshelwa ngonogada ukuthi akuvumelekile ukungena olwandle.

“Sifike sazibonela ukuthi akuphephile ngempela ukungena olwandle ngenxa yokuthi amagagasi abeza ngamandla futhi eza ngasezitolo,”kusho uNkk Zwide.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
I-Urban Force ihlele iYouth of Mzansi Celebration