I-Amazing Grace  yaseMlazi  izobonakala emdlalweni Uzalo

Iqembu i-Amazing Grace ngenkathi ishutha noZalo esontweni laKwaMashu. Isithombe: Sithunyelwe.

 

I-AMAZING Grace yaseMlazi izobonakala emdlalweni kamabonakude Uzalo kwisizini yesithathu njengekhwaya yeKwaMashu Kingdom Church maduze nje.

Umphathi nomsunguli wale liqembu uMnuz Nhlanhla Gebashe uthi lokhu kusho lukhulu kubona ngoba kade babefuna ukubizwa njengekhwaya yalo mdlalo.

“Kade sasilifuna ithuba esizogqama kulo sisabalalise umculo wethu. Siyi-Amazing Grace, sijabule kakhulu futhi sizimisele ukujabulisa abalandeli bethu nababukeli balomdlalo uZalo,” kusho uMnuz Gebashe.

Uthi bathole le lithuba emuva kokwenza inhlolokhono baphumelela futhi sebeqalile ukuqopha isiqephu sokuqala bayaqhubeka naso.

Le liqembu eladuma kakhulu ngeculo labo elihlanyisa abantu elithi “Umthwalo” lasungulwa ngo 2001 ngenhloso yokunqanda intsha ingabi wuvanzi emigwaqeni igcine isingosikhotheni.

“Ngangifuna ukunika intsha into ezoyenza, ingazitholi iwuvanzi emigwaqeni igcine isibhema izidakamizwa, isiphuza notshwala,” kusho uMnuz Gebashe.

Le liqembu linamalungu angama-20 abesilisa nabesifazane kanti uliqambe  ngoba efuna limangaze abantu futhi libajabulise.

Lo mdlalo udlala ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu njalo ngo 8:30 ebusuku ku-SABC 1.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Ukhiphe ingonyuluka obezoshada nowe-Amazing Grace