Kukhuthazwa intsha ngezisombululo kwezamabhizinisi

UNkk Fawzia Peer oyisekela lemeya yeTheku.

USEKELA Meya yeTheku uNkk Fawzia Peer ukhuthaze abantu abasha ngokusebenzisa ezobuchwepheshe, ngokubhalisela ukuqala amabhizinisi nokuthuthukisa izinga lomnotho wale lidolobha namaphathelo.

Uthe abantu okufanele bafake izicelo ngabaneminyaka eyi-18 kuya kwengama-35. Ukubhalisa kuqala ngoMashi 16 kuvalwa ngo-Ephreli 6.

Lezi zindaba uNkk Fawzia ukusho emcimbini obekwethulwa kuwo uhlelo lwe-Youth Innovatio Challenge eProtea Edward Hotel eThekwini izolo ngoLwesine.

Ukusho lokhu ngenkathi kwethulwa ngokusemthethweni uhlelo lokuthuthukisa intsha kwezamabhizinisi ezobuchwepheshe olubizwa nge Youth Innovation Challenge eProtea Edward Hotel eThekwini ngoLwesine.

Khona lapho kumenyezelwe ukuthi kuyaqalwa ukubhalisa ngeviki elizayo ngoMashi 16 kuvalwe ngo Epreli 16.

Abavumelekile ukubhalisa kudingela ubeneminyaka esukela ku 18 kuya ku 35 ubudala, abangenele lomncintiswano bawina ngonyaka odlule ngeke bavunyelwe ukungena kulonyaka.

“Izinga labantu abasha abangasebenzi liphezulu kodwa loluhlelo luzosiza ukunciphisa isibalo sabantu abasha abangasebenzi ngokuthi bathole uqeqesho ukuze bakwazi ukuziqalela amabhizinisi abo, ngokuthi bathole izisombululo kwizingqinamba ezibhekene nomphakathi,” kusho uNks Peer.

Loluhlelo lwe Youth Innovation Challenge lwenzelwe abantu abasha ukuthi baqhamuke namasu okuthuthukisa izinga lomnotho ngokusebenzisa ezobuchwepheshe nokusebenzisa umqondo okhaliphile.

Isiqubulo salonyaka sithi “Creating a Smart and Sustainable City,” lithole izindlela zokubheka nezinselelo ezibhekene nedolobha.

Khona lapho kumenyezelwe ukuthi kuyaqalwa ukubhalisa ngeviki elizayo ngoMashi 16 kuvalwe ngo Epreli 16.

Abavumelekile ukubhalisa kudingela ubeneminyaka esukela ku 18 kuya ku 35 ubudala, abangenele lomncintiswano bawina ngonyaka odlule ngeke bavunyelwe ukungena kulonyaka.

Ngeminye imininingwano kanye nemiklomelo kuzotholakala kwi website ethi: http://www.sedfafrica.co.za/enterPRIZE.

Abaxhasi kulonyaka uMasipala weTheku, i-Oracle, Aurecon, International Labour Organisation, i-Government of Flanders, iNedbank neDurban Chamber of Commerce And Industry nabanye.

  AUTHOR
Sabelo Ngema

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kuthunguthwa osolwa ngokubulala eMthulini