Sebeqalile  ukulungiselela eye  Danone Nations Cup

Abadlali beminyaka engaphansi kweyi-12 kwiDanone Nations Cup kowe- KZN Provincial Finals. Isithombe: Sithunyelwe

 

ABADLALI abadlala kwiDanone Nations Cup U/12 sebeqalile ukwenza amalungiselelo kanti abanye sebeyayidlala.

Okhulumela abakwaDanone Nations Cup  uNombuso Kunene uthi awamaningi kulonyaka amaqembu abekhona nyakenye, kodwa okumnandi wukuthi sikhuphukile isibalo sabajoyinile kulo nyaka.

“Izikole ezingenele okokuqala zintathu eziphuma la Kwa-Zulu Natali okuyi- Prince Dabulamanzi Primary School, iMuzikayise Primary  neMuzomuhle Primary,” kusho uKunene.

Uthi i- Prince Dabulamanzi Primary School  iqanjwe ngowayengumlawuli wamabutho aKwaZulu emoni eyayoNdini  KwaZulu-Natali.

OyiMenenja nomqeqeshi uSiyabonga Zwane uthi lona kuzoba ngunyaka wokuqala kulomncintiswano ukufunda ukuningi ngalomdlalo.

“Ngibona inhloso nemfihlo yale miqhudelwano ukuthi ukugqugquzela impilo enhle,okuyinto esiyiseka kakhulu. Sinengadi yethu yokudla oyinto abafana besikole abayinakekelayo,” kusho uMnuz Zwane.

UMuzomuhle wakwa-B eMlazi uzodlala okokuqala kulo mqhudelwano kanti umqeqeshi wayo uSbu Mchunu uthi uzwe ngalomqhudelwano kule liphephanda  Umlazi Eyethu wafisa ukujoyinisa isikole sakhe.

Uthi u-80% wabadlali bakulesi sikole badlalela amaqembu oMlazi Local Football Association.

“Bonke sebedlalile kweminye imiqhudelwano phambilini, ngakho kufanele bawunqobe, ” kusho uMchunu.

Lesi sikole sikhiqize uPrince Nxumalo osethole amaphuzu kwiSuperSport United. Okwamanje udlalela i-Ajax Cape Town.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Ivalwa  ngoFebhuwari  28  eyeDanone  Nations Cup 2017