Abe-Comrades Marathon namakepisi abaxhasi  

Abagijimi bezobhalisela i-Comrades Marathon 2017 eMgungundlovu. Isithombe:Comrades facebook

 

 

INKAMPANI yakwaToyota ehamba  phambili ekukhiqizeni izimoto izoxhasa      abagijimi ngamakepisi anophawu layo kwiComrades Marathon yalonyaka esuka eThekwini iphelele eMgungundlovu.

Le nkampani ibivele iwuxhasa lomjaho iminyaka eyi-7 eyedlule kanti lelikapisi lakhiwe ngendwangu elula nekhanyayo eyenza oligqokile akhululeke.

Oyimenenja yalo mjaho uChris Fisher uthi banwebe isikhathi sokuthi uToyota axhase lomjaho osezingeni eliphezulu .

“Sibenomuzwa wokuthi  uToyota usixhase hhayi kuphela ngezimoto, kodwa sinwebe namanye amalungelo,”kusho uFisher.

UFisher uthi ngokwemithetho yalo mjaho akukho mgijimi ophoqiwe ngokufaka ikepisi lakwaToyota ngelanga lawo.

“Ayizi-20 000 azonikwa abagijimi kwizindawo ezimbili zokubhalisa eThekwini naseMgungundlovu. Le likepisi lizothumela isitatimende ngalo mbala obomvu nokumhlophe nophawu lakwa Toyota emacaleni,”kusho uMnuz Fisher.

Uthi abagijimi abalande amakepisi akwaToyota nesikibha se-New Balance nezinombolo zokubhalisa zakwaBonitas nemiyalelo yokugcina ngomjaho.

Uveze ukuthi kuzoba nephephabhuku le-Comdrades nesikhwama esinezinto ezimnandi zeComrades Expo eThekwini naseMgungundlovu lakubhaliswa khona kusukela ngomhlaka 1 -3  Juni.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Ufuna ukushintsha izimpilo zabantu umbhali wase-Grange