Ishayiswe imoto yashona ingane (2) ebiqhuba izinkomo

Isendaweni yesigameko lapho kushone khona ingane.

 

UMPHAKATHI  waseZakheni kwa-B, ugcwale umunyu ngesikhathi  ubona isigameko ingane  yomfana eneminyaka emibili  ubudala ishayiswa imoto yashona ujuqu ngoLwesithathu.

Lesisigameko senzeke emgwaqeni omkhulu  wakulendawo nalapho amalungu omphakathi abekulendawo etshele leliphephandaba ukuthi lomfanayana (ongakadalulwa igama  lakhe) ubehamba nabanye abantwana ngesikhathi bewela umgwaqo.

Elinye ilungu lomphakathi igama lalo elingatholakanga libeke kanje : “Umtwana ubehamba nabanye abantwana okukholakala ukuthi  bebeqhuba izinkomo beziwelisa umgwaqo. Okusho ukuthi umshayeli ubone laba abanye ukuthi sebe welile emgwaqeni, kanti nangu nomntwana uyawela yabe isimshayisa imoto. Eyi kona imoto ahamba ngayo inkulu kakhulu, ubenge akwazi ukumbona umntwana ngoba mncane kakhulu okusho ukuthi uvele wazithela nje,” kubeka lelilungu.

Abezimo eziphuthumayo bakwa-EMS, babe sebefika endaweni yesigameko benza imizamo yokuhlenga lomfanyana, kepha kwanhlanga zimuka nomoya njengoba beqinisekise khona endaweni yesigameko ukuthi usephangalele.

Okhulumela amaphoyisa eMnambithi uCaptain Charmaine Struwig, utshele leliphephandaba ukuthi amaphoyisa aseZakheni aphenya icala lokubulala ngokungenhloso.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Sidedeliwe isangoma ebesisolwa ngokubulala umqashi