Kuthungathwa osolwa ngokudlwengula owesifazane eNyandezulu

Uyena umsolwa ofuna phansi phezulu ngamaphoyisa

 

AMAPHOYISA aphansi phezulu athungatha owesilisa osolwa ngokudlwengula owesifazane eNyandezulu. Ngokuthola kwe- KZN Eyethu  kuthiwa lomsolwa  wabhozomela lowesifazane, wamsabisa ngommese wase emdonsela ehlathini lapho afike amdlwengula khona.

Lesigameko senzeka ngesikhathi isisulu sihamba sicosha izinsimbi esizozidayisa ngenyanga kaJanuwari kuwona lonyaka.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Zandra Wiid uthe: “Lomuntu osesithombeni angasiza amaphoyisa ophenyweni lwawo. Cishe uneminyaka engama-35, mncane ngomzimba futhi unebala elizothile. Unesibazi esincane esihlathini ngakwesokudla. Unemtshebe encane.”

Omaziyo lomlisa noma oke wambona angathintana nomphenyi wecala uDetective Constable Sifiso Gigaba enombolweni ethi 0823349682 noma 039-6887900.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Amaphoyisa athungatha ababulale iMenenja kaMasipala