Alikafezeki iphupho le-Mazororo

AMALUNGA eMazororo entertainment sibala noSihlalo wayo uPhindokuhle Nhleko( kwesobunxele). Isithombe: Mthandeni Madlala

 

LUSELUDE ukhalo enkampanini yezobumnandi iMazororo Entertainment esivundulule amakhono namaciko ahlukene entsheni yaselokishini iMpumalanga.

Lokhu kuvezwe uSihlalo wale nkampani uPhindokuhle Nhleko ngesikhathi kunomncintiswano obaminyaka yonke wokubonakalisa ikhono loDj abasafufusa obuwenzelwe enxanxatheleni yezitolo iHammarsdale Junction Mall ngoMgqibelo.

Lo mcimbi osekungokwesine ubakhona ubuxhaswe uSpar noCoee obekuqhudelana kuwo oDJ abayi-15. Umpetha walonyaka kube nguDj Lady Sbo oklonyeliswe ngeR1000 nevawusha kaR500, isibili kwaba nguDJ Leyme ohlabane ngoR500.

UNhleko uthi kuningi okufanele bakwenze ukusiza umphakathi nokufundisa intsha ngamakhono atholakala kulomkhakha wezobuciko.

“Sinomgqigqo wokuthola abanye oDj, abaculi, abemfashini nokunye okuningi esazi kahle ukuthi kukhona entsheni yaseMpumalanga kodwa ayikwazi ukuthola ithuba elanele lokukubonakalisa kubantu,” kusho uPhindokuhle.

Wengeze ngelokuthi inhlansi yethemba lokuvuna izithelo ezinhle isekhona njengoba bekwenzeka eminyakeni edlule.

UMISS Mazororo 2016 uNksz Kholelwa Mdunge ubengomunye wamajaji abehambele umncintiswano woDj abasafufusa obuwenziwe iMazororo Entertainment eHammarsdale Junction Mall ngoMgqibelo.

“Eminyakeni yaphambilini senza lomcimbi sikwazile ukukhipha abantu asebekhombise umhlaba ngekhono labo njengoba singabala uDj Stanky oke wezwakala emsakazweni iGagasi FM nabanye esibakhombayo endimeni yezomculo lapho benza imisebenzi ehlukene.

“Nakuba siyibona imiphumela emihle kwesikwenzela umphakathi kodwa kusekuningi okumele sikwenze ngoba asigxilile kuphela ko-Dj kodwa nakweminye imikhakha njengoba bekhona nabezemfashini,” kuphetha uNhleko.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Bafuna athathelwe izinyathelo u-Bathabile Dlamini