Udedelwe ngebheyili uthisha osolwa  kwelokudlwengula

 

Udedelwe ngebheyili ka-R4000 uthisha waseJobstown Primary School eNewcastle  osolwa ngokudlwengula  owesifaane okuthiwa wamthatha endaweni yokucima ukoma eMadadeni.

Umsolwa ubevele enkantolo yaseNewcastle nalapho efike wadedelwa khona  ngebheyili.

Lesi sigameko kuthiwa senzeka mhla zi-5 kuNhlolanja  (February) kodwa  uthisha waze wabosha mhla zili-10  njengoba adla phansi ngemuva kwalesi sigameko.

Kuthiwa lo thisha igama lakhe eligodliwe,  wahamba nalona wesifazane  besuka kulendawo yokucima ukoma waya naye endlini yakhe umsolwa eMadadeni.

Kuthiwa lona wesifazane waphaphama esekeMadedeni ngemuva kokuba azumeka emotweni kamsolwa kodwa umsolwa wamukhohlisa wathi sebekeMnambithi.

Ngosuku olulandelayo umsolwa wathatha isisulu waya naso ngaseRumelini nalapho afike waqhubeka khona wasidlwengula.

Umsolwa  kuthiwa akagcina ngokudlwengula lona wesifazane kuphela kodwa waqala wamushaya kanzima wamushiya ezitshela ukuthi ushonile.

 

 

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Basale dengwane abagibeli bamabhasi ngenxa yesiteleka