Usizi kuqothwa amalunga amane omndeni eMlazi

 

UMPHAKATHI waseMlazi kwa G  usahlalele ovalweni kulandela  ukuqothothwa kwamanye kwamalunga omndeni amane ngenhlamvu ngoMgqibelo kuyona lendawo.

Lesi sigameko senzeke ngezintathakusa zangoMgqibelo. Kuthiwa abasolwa abathathu abangaziwa  bahambele lomdeni nabafike bawukhuthuza omakhalekhukhwini kanye  nemali . Ngemuva kokukhuthuza loku babe sebevulela ngenhlamvu kumalunga amane kwashona amathathu, elinye lalimala kodwa lafike lashonela esibhedlela.

Kulabo abashonile kubalwa umama oneminyaka engu-59 ubudala, amadodana akhe amabili kanye nendodakazi. Omunye wesifazane kuthiwa yena  usinde ngokulambisa kulesigameko.

Kukholelwa ukuthi omakhelwane  bahlabe umkhosi emaphoyiseni ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko  kanti amaphoyisa afike abasolwa besakhona ngaphakathi endlini.

Abasolwa ababili bakwazile ukubaleka  ngezinyawo ngesikhathi lona  omunye evulela ngenhlamvu emaphoyiseni. Amaphoyisa  kube sekuwaphoqa nawo  ukuba avulele ngenhlamvu ebhekise kumsolwa nokugcine ngokuthi alimale kanzima washona.

Abasolwa abagcinanga nje ngokubulala kuphela kulomuzi njengoba kusolwa ukuthi baqale badlwengula abesifazane ababili bakuwona lomuzi ngaphambi kokuba bavulele ngenhlamvu.

 

 

 

 

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Isazoqhubeka intuthuko ka-ward 80 eMlazi