Kume ukusebenza ezitolo kutheleka uMalema enkantolo

Kume nse ukusebenza kwezitolo ezikuMarchison Street eNewcastle ngenkathi kutheleka umholi we-EFF enkantolo uMnu Julius Malema .

UMalema ubevele enkantolo yaseNewcastle namuhla (Lwesihlanu) esolwa ngokugovuza umphakathi wakulendawo ngokuthi awudle yonke imihlaba ekuleli nengahlali muntu.

Abantu abaningi bebefuna ukumthinta ngezandla lomholi, kodwa amaphoyisa kanye nonogada bakhe bebengafune lutho olusondela eduze kwakhe. Akuphelanga ngisho imizuzu emibili uMalema esebhokisini labamangalelwa.

UMbuso uthe kunobufakazi okusamele ubuthole ngaphambi kokuba uqhubeke nokulalela icala elibhekiswe kuMalema. Lomholi we-EFF usolwa ngokuthi uyena owaba uphakimpi, wayelela abantu baseNewcastle ukuba badle wonke umhlaba ongenamuntu.

Lokhu bathi wakusho eRalini yaleliqembu neyayiseMajuba Tvet College Stadium ngoJulayi ka-2016. Kumanje kunecala elisenkantolo ePhakeme eMgungundlovu, lapho kumangalelwe khona abantu abadla umhlaba weNgonyama Trust ophambi kwe-Tech yaseMadadeni esigcemeni sesihlanu.

Nalapho futhi kusolwa inkulumo kaMnuz Malema ukuthi iyona ayadala ukuthi labantu bangene ngenkani kulomhlaba.

Icala  lakhe lihlehlele umhlaka 4 kuMashi .

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Izikhukhula zivale  idolobha e-Newcastle