Ivalwa  ngoFebhuwari  28  eyeDanone  Nations Cup 2017

UMTHETHOMUSHA Primary School wase-Edendale eMgungundlovu okungompetha baka-2016 baKwaZulu-Natali beDanone Nation Cup okulindeleke bavikele isicoco kulonyaka.

 

KUVALWA  ngoLwesibili  lukaFebhuwari 28  ukwamukelwa  kwemingenelo yezikole  ezifuna ukubhalisela ukudlala kwiDanone  Nations Cup U/12  edlalwa  minyaka  yonke.

UThemba   Shabalala  wehhovisi leSouth  African Schools Footbal  Association ( Sasfa)  unxusa   zonke  izikole  zaKwaZulu-Natali   ngokuqikelela  ukuthi  zimelwe  kulo mqhudelwano .

Lemidlalo izoqala ukudlalwa  ngokwamaWadi ngoMashi  6  kuthi  owamanqamu   ezifunda udlalwe ekupheleni   kukaMeyi  noma ekuqaleni  kukaJuni.

Amanqamu    okuzotholakala   kuwona umpetha waKwaZulu-Natali   azodlalwa  ekuqaleni  kukaJuni  kunti akazwelonke abesekupheleni kwakhe.

Kulo mqhudelwano ohamba  uze ufike ezingeni  lomhlaba   kulindeleke  izikole ezingama-32  kanti iNingizimu  Afrika  yiyona ezibule  ngale ndebe  ngo-2003  iba ngompetha bomhlaba.

UShabalala  uthe  isibalo  sezikole   zaKwaZulu-Natali  sihlala  siphezulu   minyaka  yonke kodwa  kuyadumaza  ukuthi  asikakafiki  kwesijwayelekile.

Unxusa   bonke  othisha  bezemidlalo  ngokuyobhalisa  izikole  zabo  emahhovisi ezifunda zabo , bayofuna amafomu  okungenela.

Abanye  bangawacela  ehhovisi leSasfa  ngokusebenzisa le –email  thembashabalala@saschoolsfa.co.za  bamshayele kule nombolo  0725884957.

Uthe  ayatholakala  amafomu  kwifacebook  ethi: www.facebook.com/DNC South Africa; www.schoolsfa.co.za  noma  bashayele     ku-011 – 4032844/5

Abanye  bangaxhumana  noNomthandazo Mpanya  kule nombolo  0825624056 email: nomthimpanya@gmail.com;   uZandile  Khawula ku-0832065218 uma engatholakali banga-sms ku Dudu Thabethe  0764763530 dudushozi@gmail.com.

La mafomu  ayatholakala  nasemahhovisi  aseBerea  Primary  School aku-280   King  Dinuzulu  Road (Berea  Road) eThekwini  eBerea.

  AUTHOR
Nash   Ngcobo

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Inkomo ‘ibulale’ umgibeli wesithuthuthu eMgungundlovu