AbaseMgungundlovu benzekahle kowe-Outinuqua

 

 

AMALUNGA e-KZN Wheels & Runners Club enze ezibukwayo kumjaho we- Annual Outinuqua Wheelchair Race obise- George ngoMgqibelo.

Leliqembu obekungokuqala lihamba selokhu lasungulwa ngonyaka odlule, libuye ekhaya  namagolide amabili kanye namathusi angu- 13. UMnuz Lucky Bhukwane (25) wakwaDambuza obegijima u-10 km, waziwinela imedali yegolide uthe kumthokozise kakhulu ukuba yingxenye yalomjaho.

“ Ngijabula kakhulu ngokuba yingxenye yalomjaho yize benginokuthuka kade sisaqala ukugijima kodwa ukuba novalo kwami  akumanga endleleni yami yokuphuma phambili njengoba ngithole imedali yegolide. Ngingasho ukuthi bese ngizilungiselele ngokwanele njengoba ngingumqeqeshi nje nami abukho ubunzima engihlangane nabo ngesikhathi ngigijima,” kubeka uMnuz Bhukwane.

USihlalo waleliqembu uMnuz Njabulo Mzobe uthe uthanda ukubonga kakhulu kulabadlali ngokuzimisela kwabo njengoba zonke izifiso zabo zihambe ngohlelo. “Sithanda ukubonga kakhulu kubona bonke abasixhasile ngoba ukube bebengekho ngabe uhambo lwethu alubanga impumelelo,” kubeka uMnuz Mzobe.

 

  AUTHOR
Ntombizethu Ngcobo  

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
UMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo uhloniphe imbokodo