Usabhadle esitokisini osolwa ngokubulala intombi yakhe ekhulelwe

Esithombeni amalungu omphakathi wasOsizweni azwelana nokushona kukaThandeka Nkabinde owabulawa yisoka lakhe.

 

USAZOTOKA owesilisa waSosizweni  osolwa ngokugwaza abulale intombi yakhe ngonyaka  odlule endaweni yokucima  ukoma ababesebenza kuyona.

Lokhu kulandela ngemuva kokuba icala lakhe liphinde lahlehlela umhlaka 28 kwephezulu kanti umsolwa usazobhadla ngaphakathi njengoba anqatshelwa ibheyili.

UMalinga Nxumalo ubevele enkantolo  kaMantshi eMadadeni ngoLwesine  ubhekene necala lokubulala lowo owayeyintombi yakhe uNksz Thandeka  Nkabinde (20) ngokumubhokoda ngombese ama nxeba ali-17 endaweni yokucima ukoma i-130 Osizweni.

Umsolwa nomufi babesebenza ndawonye kulendawo yokucima ukoma kanti kuthiwa umsindo wasuka ngesikhathi umsolwa engena  kulendawo wabona umufi ekhuluma nomunye wesilisa wabe esegajwa  isikhwele.

Kuthiwa umsolwa wangena kulendawo wadonsa  umufi waphuma naye ngendluzula nokwathi uma esebuya umsolwa, wabuya esehamba yedwa  isikipa kanye namateku akhe sekugcwele igazi.

Sekuvele ukuthi umsolwa akukona okokuqala ukuthi abulale intombi yakhe njengoba kuthiwa enye wayigqema ngesagila yashonela esibhedlela.

Umndeni kamufi uthi ufuna  umsolwa abhadle  ejele impilo yakhe yonke kanti namalunga omphakathi abephume ngobuningi ukuzokweseka lomndeni.

 

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kushone oyedwa kwalimala abathathu  kweyetekisi eMgungundlovu