Kuboshwe uthisha osolwa ngokutalabha umfundi ngepayipi

 

Ushaqwe amaphoyisa uthisha waseThembimzamo Primary School eseManzini abaliyo enyakatho nedolobha laseMnambithi. Lothisha usolwa ngokutaxa umfundi ngepayipi phambi kwabanye abafundi.

Ngokusho komthombo we-Eyethu ongathandanga  ukudalulwa, uthe lothisha walandwa amaphoyisa esemagcekeni esikole. Lesisigameko senzeka ngosuku lwezithandani (14 February), kodwa luze lwafika manje kwabezindaba ngenxa yokuthi oncinze i-Eyethu uthi loludaba belushayelwa phansi bengafuni abaphathi besikole luphumele ngaphandle.

Uthi lomthombo umndeni womfundi owashaywa uvuke indlobane, kwaba yima abaphathi besikole beluveza loludaba. Nakuba kungacaci kahle okwaba yimbangela eyadala ukushaywa kwalomfundi ngepayiphi, kodwa umthombo ukhale ngesihluku sikathisha kuloludaba. “Uthisha wakhombisa unya oluyinqaba ngenkathi eshaya lomfundi. Yingakho abazali bengane banquma ukulanda amaphoyisa bavulela lothisha icala lokushaya ingane yabo,” kusho lomthombo.

Kuthintwa uMnuz Muzi Mahlambi okukhulumela uMnyango wezeMfundo lapha esifundazweni, uthe umnyango ngeke ukubekezelele ukushaywa kwabafundi beshaywa othisha. “ Kudala  SIbakhuza othisha ukuthi abahlukane nokushaya abafundi, ngoba induku kudala yavalwa ezikoleni.”

Okhulumela amaphoyisa eMnambithi uCaptain Charmaine Struwig usiqinisekisile isigameko.

“Kuboshwe owesifazane oneminyaka enga-52 ubudala, esolwa ngokutalabha intombazane ngepayipayi,” kusho okhulumela amaphoyisa aseMnambithi.

Uthe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo lwawo kuloludaba.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kudutshulwe kwabulawa iMenenja kaMasipala woThukela