‘Usukhathele umphakathi waseKuvukeni ukuphuza amanzi anendle’

Umphakathi wasEkuvukeni eWashbank uthi usukhathele ukuphuza amanzi anuka indle abawahlinzeka umkhandlu kamasipala waSothukela.

 

Umphakathi wakwa-B Ekuvukeni enyakatho nedolobha laseWashbank, uthi uzokubona okwabona uSawule ebheke  eDamakeku umkhandlu kamasipala Uthukela, inqobo nje uma ungashintshi indlela owenza ngayo izinto.

Umphakathi walapha uthi kunini ulibika udaba lokuphuza amanzi anuka indle ahlinzekwa yilomkhandlu, kodwa kuze kube imanje akukho okwenzayo.

Iminwe ikhomba lomkhandlu ngokuthi yiwona obudedengu ngamanzi aphuzwa abantu baseKuvukeni kwa-B. Abantu balendawo bathi amanzi abawaphuzayo anuka phu indle, futhi kunzima ngisho ukupheka ngawo manje, njengoba ukudla kuvele kunuke indle igcwale ibhodwe lonke. UMnuz Bonginkosi Nkosi, uthi balubika loludaba Othukela, kodwa umasipala awuzange uluthathele phezulu loludaba.

“Kunzima kakhulu lapha Ekuvukeni. Sigqigqa emitholampilo mihla namalanga, ngenxa yokuthi sikhishwa yizisu  ezidalwa yilamanzi esiwaphuzayo anuka phu indle. Sifuna izimpendulo eziqondile kumasipala wasOthukela, kungenjalo lomasipala uzokubona okwakhweza ikati esihlahleni. Ngoba sikhathele osopolitiki abadlala ngathi, abangenendaba futhi nezidingo zethu thina siwumphakathi. Okusikhathaza kakhulu, basithembisa izulu nomhlaba uma besakhankasela ukukhethwa ezikhundleni. Indaba yonakala nje uma sebelitholile ivoti lethu, ngoba bahambele kude nathi,”kusho uMnuz Nkosi.

Okhulumela umkhandlu kamasipala Uthukela uMnuz Jabulani Mkhonza, uthe bewumkhandlu basazoxhumana nonjiniyela bomkhandlu ukuthola ukuthi inkinga idalwa yini yokuthi abantu bakuleya ndawo bathole amanzi anuka indle.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Ugwetshiwe owadlwengula isaguga esina 51