Kulimale abafundi (24) kweyetekisi neloli

 

Kulimale abafundi besikole abangamashumi amabili nane ngesikhathi kutholana phezulu itekisi kanye neloli lohlobo lwe-Hyundai H100 abakade behamba ngalo, izolo ngoMsombuluko emgwaqeni u-P459 endaweni yaseMandeni esifundeni seLembe.

Ngokusho kwabezimo eziphuthumayo, abantwana besikole abangu-24 bathole ukulimala kanzima kule ngozi, kwabuye kwalimala nomshayeli weloli. Umshayeli wetekisi, uphume engenamyocu kule ngozi.

Bonke abalimele bathole ukwelashwa endaweni yesigameko, ngaphambi kokuthi baphuthunyiswe ezibhedlela ezahlukene.

Ngesikhathi sokuloba lapha, amaphoyisa abesaphenya ngembangela yale ngozi.

 

  AUTHOR
Musa Mnyandu

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Kulimale abawu-6 iloli lishayisa imoto