OwaseHopeWell ohlelweni lamabonakude ku-SABC 1

UMazweni Ngubane ongumrepha waseHopewell ozovela ku-SABC 1

 

UTHI akasakwazi ngisho ukulinda umrepha wasendaweni yaseNsuka eHopewell njengoba ezowufulathela uMngungundlovu namhlanje (ngoLwesine) alibangise eGoli lapho eyoshutha   khona kwesinye isiqephu sikamabonakude i-Yo TV edlala ku-SABC 1.

UMazweni Ngubane uthi leli iphupho lakhe eligcine ngokufezeka ukuthi abe esiteshini sikamabonakude esikhulu kangaka. “Ngithole i-email ngoMsombuluko ingazisa ngalezi zindaba ezimnandi angizange ngikholwe kodwa ngijabule kakhulu angisakwazi nokulinda. Ngizoshutha ngoLwesihlanu nalapho ngizobe ngicula khona iculo lami elisashisa izikhotha kuze kube imanje elisihloko esithi ‘Ngyafa Ngawe’,”kuchaza yena .

Uqhube wathi njengoba ezobe ekuloluhlelo uzobe ephakamisa idolobha laseMgungundlovu kanye nendawo adabuka kuyona eHopewell. “Lana eMgungundlovu ithalente  likhona inkinga abantu abalinakile. Njengoba ngizobe ngilapha ngifuna ukukhombisa abantu ukuthi abangawalahli amaphupho abo uma unephupho lilandele lizogcina lifezekile.”

UMazweni akaqali ukuba avele esiteshini sikamabonakude enandisa njengoba ake avela  esiteshini se-DSTV i-1KZN TV eshaya amanye amacwecwe awo. Lesi siqephu bekungakacaci  sizosakwazwa nini kodwa i-Edendale Eyethu izonazisa uma seluphumile usuku.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceye Autodealer.co.za
Top
Next Story x
Ugeqa amagula othi ubevakashelwe uMakaJesu