Izothola ukuxilongwa esibhedlela inkakha ye-Ladysmith Black Mambazo  

Esithombeni: uDkt Joseph Shabalala, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo, uNkk Shabalala, nengxenye yomndebini kaDkt Shabalala

 

 

Izothola ukuxilongwa okunzulu esibhedlela Inkosi Albert Luthuli ingqalabutho yomculo wesicathamiya uDkt Joseph Shabalala, weqembu iLadysmith Black Mambazo.

Lokhu kuvele ngoLwesine ngenkathi uNgqongqoshe wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo, ehambele emzini walengqalabutho oseMnambithi nalapho okaDhlomo eveze ukuthi maphakathi nenyanga kaMasingana ngonyaka ozayo, iziphathimandla zezempilo esifundeni sasoThukela  zizosebenza ngokubambisana noNkk Shabalala ukubheka amafayela aqukethe umlando wezempilo kaDkt Shabalala, ukuze bazokwazi ukumtholela usizo lwezempilo aludingayo bewuhulumeni wesifundazwe.

UDkt Dhlomo uveze ukuthi ukuvakasha kwakhe emzini walengqalabutho yomculo wesicathamiya, kuza ngemuva kokuthunywa  nguNdunankulu wesifundazwe saKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu, ukuba azobheka impilo kaDkt Shabalala ngeso lakhe lobudokotela njengoba ahlinzwa emgogodleni esikhathini esiphambili.

 

 

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kuxwayiswe ngobugebengu ehositela lezimanga i-Glebelands