Iqokwe kuma –SAVA Awards iMeya yaseMsunduzi

 

LOWO obedume  kakhulu ngokuba usomabhizini nokusiza umphakathi, kodwa oseyiMeya yoMasipala umsunduzi uKhansela Themba Njilo uthole ithuba  lokukwa kuma-South African Volonteers Awards (SAVA) ango-2016.

UNjilo uqokwe emkhakheni we-Best Community Builder , nokuwumkhakha wokwakha okanye ukuthuthukisa umphakathi. UNjilo ubanga lesicoco nno Nks Tebogo Mohlaela ongumethuli womculo wesintu kumabonakude iRoots ku-SABC 1 aophinde ethula umculo wesintu noNgizwe Mchunu oKhozini FM.

Lo mcimbi ozoba okwesine kulonyaka  uzoba mhla zili-10 kuZibandlela (December ) nonyaka , eMfolozi Casino Dome eMpangeni.

Ukuvotenla  uNjilo ungathumela umqhafazo othi : SAVA Best Community Builder Themba Njilo kwinombolo ethi : 35642. I-SMS Ibiza u-R3 kuphela.

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Uqokelwe kuma Live Your Dream Awards owaseMgungundlovu