Owe-Dope Nation kuhlelo lukamabonakude i-Shift

ULerato Nkaa ozoba sohlelwenni lukamabonakude iShift.

 

UMREPHA  wesifazane waseSmero ongaphansi kwesitebele somculo i-Dope Nation uthi akakakholwa namanje ukuthi umenywe ohlelweni lukamabonakude iShift ukuba azodlulisa ulwazi lwakhe  ngomculo kanye namafilimu.

UNkzn  Lerato Nkala (23) uthi kuze kube imanje usazama ukukufaka  emqondweni ukuthi uqokiwe ukuba avakashele lolu hlelo esiteshini esikhulu  sikamabonakude u-SABC 1.

Lokhu kulandela ngemuva  kokuba loluhlelo   lwakhipha ukuthi izitebele ezenza umculo kanye namafilimu  ukuba zithumele imisebenzi yazo ukuze zizothola ithuba lokuba  ingxenye yalolu hlelo. Isitebele i-Dope Nation isona esibe nenhlanhla ngemuva kokuhambisa umsebenzi waso nababe sebethunyelelwa  umyalezo ngesonto eledlule  wokuthi bacela owesifazane ophuma kulesitebele ukuba azoba  ingxenye yohlelo.

ULerato odume ngelika ‘exotic kiss’ emculweni, uthe ujabule  kakhulu ngaleli thuba  kanti uyakholwa ukuthi lizomvulela eminye iminyango emikhulu. “Namanje angikakholwa ukuthi ngimenyiwe lokhu kuzongivulela amathuba amaningi. Akuzuvulela mina kuphela  kodwa nesitebele sethu uqobo.Ngiyathemba ukuthi loku kuzosakhela igama  elihle,” kubeka  yena.

Uqhube wathi kungokokuqala ukuba athole ithuba eliyingqayizivele njengaleli. “ Indlela engijabule ngayo angazi nokuthi ngithini akuchazeki. Ngiyathemba ukuthi loku kusayisiqalo  ngoba sesiside isikhathi sayiqala lento. Sekuyisikhathi sokuthi sibonakale manje.”

ULerato  waqala ukungena  endimeni yomculo ngonyaka ka-2010 kanti  ungowesifzane wokuqala osehlale isikhathi eside kangaka ngaphansi kwalesi sitebele. Uphinde waveza  nokuthi ungumfundi e-Creative Arts College nalapho enza khona izifundo ze-Graphic Designer.

Ebuzwa  ukuthi  yini ayithanda kakhulu, uthe kuyena umculo uza kuqala kunako konke. “Umculo iwona  ohamba phambili kodwa ngiyafunda ngenzela ukuthi makukhona into eyenzekalayo kumina ngingasakwazi ukucula kube khona enginako. Kodwa angiziboni ngipuma emculweni ngoba ngisho kuthiwa  angisakwazi ukucula ngingafuna ukuthi kube khona engikwenzayo noma ukubhala amaculo,” kuphetha yena.

ULerato uhambe izolo  (ngoLwesithathu) elibangise eGoli nalapho  eyoshuthela khona lolu hlelo. Isiqephu sakhe sizosakazwa mhla zingama-26 Disemba ngo 11 ekuseni ku-SABC 1.

 

  AUTHOR
Lethiwe Makhanya

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Ugwetshwe 6 iminyaka ngokushaya ingane ngoba idle upholoni