Kume nse ukusebenza enkantolo ngenxa  yebhomu

Esithombeni : amaphoyisa ophiko lwe-K9 ngenkathi esesha ibhomu ngezinja.

 

KUSUKE  isiphithiphithi enkantolo yaseMnambithi ngenkathi kungena wokuthi kunesiqhumane esiyingozi ngoLwesihlanu ekuseni, nokuholele ekutheni kumiswe ukuqulwa kwamacala njengoba wonke umuntu obesenkantolo ebaleke wathi galo yephuka ngenkathi kungena lombiko.

Iziphathimandla zenkantolo okubalwa nezimantshi, abameli, abashushisi, abasebenzi basenkantolo kanye nabamangali, bonke babonakale begcwala ku-Keate Street ngemuva kwalombiko. Loku kushiye abasebenzi balenkantolo bethukile njengoba abanye bebezwakala bethi angeke balubhade emsebenzini ngenxa yokuthuka.
Uphiko lwamaphoyisa olubhekele ukucinywa kweziqhumane eziyingozi nobeluvela eNewcastle lube selufika kulenkantolo, nalapho luhlole khona lenkantolo kanye nezimoto ebezipake ngaphandle kwatholakala ukuthi belingekho ibhomu ebelitshalwe kulendawo.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Kume ukusebenza ezitolo kutheleka uMalema enkantolo