Unyawo “loNyazi” edwaleni lwaseMaqandi

Inkosi yebandla lamaNazaretha eBuhleni uNyazilwezulu. Iisthombe : Zulu land Obsever

UMNU  Xolisani Sithole, uthi akajiki esitatimendeni sakhe sokuthi umfanekiso wonyawo oqopheke edwaleni lakubo nakanjani olweNkosi yakwaShembe uNyazi lweZulu.

Lokhu ukusho ngoLwesihlanu ngenkathi leliphephandaba lihambele kulelikhaya lakwaSithole elikwaMaqandi ngase-Uitvaal, nalapho okaSithole ethe sekukaningi etshela amalungu omndeni wakhe ngalomfanekiso owaqala ukubonakala ngonyaka ka-2003 ngenkathi usagqame kahle.

UXolisani Sithole ekhombisa edwalwni lapho ethi unyawo loNyazi khona.

UXolisani Sithole ekhombisa edwalwni lapho ethi unyawo loNyazi khona.

Yize kukhona ukushayisana kwemibono phakathi kwakhe kanye namanye amalungu omndeni wakubo, kepha yena uthi unesiqiseko salokhu njengoba izinyawo zoNyazi zabonakala nasentabeni yaseKhenana, okuyintaba esigitshelwa uNyazi, yize zona zithe ukubangaphezulu kwalezi eziqopheke edwaleni lasekhaya kubo.

Ubabekazi kaXolisani uNksz Phakamile Sithole, naye uyavuma ukuthi okuqopheke edwaleni yilo unyawo, kepha waphika ukuthi eloNyazi. “Mina ngicabanga ukuthi lezi izinyawo zabantu abenza lelidwala, futhi abanyathela kusemanzi, hhayi lento eshiwo uXolisani,” kubeka uNksz Sithole.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Bacwiyelwani abantu  endaweni yaseSweetwaters?