Kuzogqama ubuciko kuvivinywa abe-Jazz

UXoliswa Dlamini okulindeleke anandise ekhonsathini okuzovivinywa ngalo abafundi bejazz eliseHoward College eThekwini namhlanje ngo 6 ntambama.

 

KUZOGQAMA amaciko kubafundi base-University of KwaZulu-Natal eseHoward College  lapho bezokwenza izivivinyo zabo zokuphela konyaka ngekhonsathi eliseCentre for Jazz And Popular Music ongoLwesithathu namhlanje ngo 18h00.

Lo mcimbi uzobanjelwa kulesikhungo eShepstone Building, kulindeleke kugqame amaciko abafundi ahlukene njengoba bezobe beshiyelana inkundla ngomculo wabo.

Abanye abazobonakala kulo kubalwa uSiyanda Zulu (wecilongo), uXolisa Dlamini (oculayo) noLucky Swele (umshayi wesiginci).

UThulile Zama we The Centre for Jazz And Popular Music okungabahleli bejazz kule ndawo uveze ukuthi nakuba kule likhonsathi abafundi benza umsebenzi wabo wesikole,  kodwa kuningi okuthokozisayo kulo.

“Konke sekulinde isikhathi sokuba lomcimbi uqale kanti sicela ukuba wonke umuntu aphume azobukela lobu buciko nobumnandi balo mcimbi” kusho uZama

USiyanda Zulu owenza okuningi kule ndima  njengomqambi nomheli wezingoma, uzohambisana noBurton Naidoo, uSanele Phakathi, uDalisu Ndlazi noMbonisi Nhleko.

Kulindeleke ukuba uXolisa Dlamini aqhulule amanoni afana nelithi “In Search Of  My Heart”.

Useke  waqokwa kuma SAMA Awards akulonyaka, waqopha nabaculi abaningi abahlonishwayo kulo mkhakha okubalwa kubo  uSelaelo Selota.

Kule likhonsathi uzodlala noSibusiso Mashiloane, uPhilani Ngidi noSibusiso Zondi.

ULucky Swele ozoqhulula amanoni ejazz ethakwe  nesigqi sombhaqanga, uzocula no-Ayanda Sosibo, uSanele Phakathi, uZibusiso Makhathini, uStanley Matlou. Abanye abaculayo uNozibusiso Vezi, uPhumlani Mtiti noMokgethisi Nkotsi.

Kungenwa  mahhala, uma ufisa ukuhambela le likhonsathi ungaxhumana noThulile Zama kule nombolo  031- 260 3385.

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
UNedbank uxhase ngo-R150 000 kwabayoqala enyuvesi