Usekhiphe i-video u-DJ  wase-Napierville

 

UMKWEBHI wamapuleti osezakhele udumo eMgungundlovu namaphethelo uMnuz Muvo “De Icon” Mshengu (24) waseNapierville usekhiphe  i-video okubonakala sengathi izodla ubhedu kulonyaka. Le-video ethi- On it uyikhiphe ngenyanga edlule kanti seyamukelwe ngabaningi ngezandla ezifudumele njengoba kubonakala izindawo eziyingqophamlando kuyo okubalwa iCity Hall, Golden Horse kanye nezinye.

UMnuz Muvo oseneminyaka eyisithupha  engumkwebhi wamapuleti uthi isifiso sakhe ukubona amaciko  (artists) aseMgungundlovu ephumelela. “Ukuba umkwebhi wamapuleti kwakuyisifiso sami ngisakhulula ngangivele ngiwumuntu othanda umculo. Inhloso yami ukuthi ngiphakamise lelidolobha lethu ngilibeke kwelinye izinga,”kubeka uMnuz Muvo.

Uqhube wathi lengoma yakhe usezinhlelweni zokuyihambisa kwi- Channel 0 ukuze kube lula ukuthi enze ushintsho  akwazi ukusayina amaciko amaningi kwinkampani yakhe ebizwa nge- Icon Muzic okwamanje esanabaculi ababili. UMnuz Muvo uthe wenza izifundo ze-Public Relations eDurban University of Technology ngoba efuna ukuthola ulwazi ukuze kube lula ukuthi azimele ngizenzele mina yonke into, ngibe sengenza izifundo zomculo eGoli.

“Ukuzimela  kunzima kakhulu uma ungenayo inkampani enkulu  ngoba uzenzela yonke into  akukho muntu okusizayo ukhipha nemali ephaketheni lakho. Bengingakalikhiphi icwecwe ngisalinde ukuthola ingoma ezoduma eNingizimu Afrika yonke mase ngiyalikhipha okwamanje izingoma zami ziyatholakala kuma- itunes,” kuphetha uMnuz Muvo.

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Recommended Story
Asiyeke ukugxeka i-ANC –DA