Bezibuya KwaMashu ngowe-INK Hip hop Festival

Umculi ohlanyisa abalandeli bakhe uKwesta kowe-Ink Hip Hop Festival kwaMashu. Isithombe;Thobile Zwane

ABACULI bomculo we-Hip Hop basine badedelana kowe-INK Hip Hop Festival njengoba abathandi bomculo bedele imvula bazojabula kumcimbi obisenkundleni yemidlalo ePrincess Magogo KwaMashu ngoMgqibelo.
UKWESTA uhlanyise abalandeli bakhe ngeculo elithi “Mayibabo” yize noma lenkundla ibingakagcwali kucula yena.
Igama elithi INK ngelinqamulelo samagama amalokishi Inanda, Ntuzuma naKwaMashu yikho kuthiwa Ink Hip Hop Festival obese kungeyesbili kulo nyaka.
Lo mgubho bekumele uqale ngo 12:00 emini kodwa uqale ngabo 17:00 ntambama kwaze kwasa emnyango.
Obengumqondisi wohlelo ngumlingisi wohlelo lukamabonakude uNtando Duma oshukumise inkundla edansa aphinde acule iculo elithi “Gobis’qolo” wonke umuntu wadansa.
Kulo mciombi kutheleke nabalingisi boZalo olukhonjiswa kwi-SABC1. Kwabe sekungena ingqwaba yabaculi no Dj belandelana.
Abaculi abebenandisa ngo-Dj Ganyani, uProffesor ehambisana noT’zozo bacula iculo labo elisha elishisa izikhotha elithi “WeMantombazane”.
Abanye bekungoDuncam, uZakwe, uJnr De Rocka, uKing Sfiso nabanye.
UMzokoloko “Mzo” Gumede weGagasi FM ubonge abantu abaphume ngobuningi beza kulomgubho, wathi awuve ubalulekile.
“Sikhuthaza ukuziphatha kahle kwentsha kwimicimbi efana nalena okuyindlela yokuhlanganisa intsha ngendlela enhle,” kusho uMzo

  AUTHOR
Thobile Zwane

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Isazi Web Agency izokwakhela izikole ama-website mahhala