UNduduzo Makhathini udlala e-Rainbow Restaurant

UNDUDUZO Makhathini ozonandisa eRainbow Restaurant ePhayindane ngoNovemba 6. Isithombe: Website

 

INDAWO yokungcebeleka iRainbow Restaurant ePhayindane inethulela ikhonsathi lenkakha uNduduzo Makhathini ongumculi odlala upiyano, ozobonakala ngoNovemba 6 ngo-ntambama.

Lo mculi uzodlala noJustin Bellairs odlala i-alto saxophone, uSiyanda Zulu okwitrumpet, uStanley Motlou okumadrums kuvale uDalisu Ndlazi  kwi-double bass.

Kuthiwa abantu bazobhema bakholwe uma sebezibonela lezi zinkakha sezishaya ezidume ngazo kanti kulindele ukuthi kusukume nesinedolo.

Ngokusho kwemenenja yale ndawo uNeil Comfort, bese kuphele iminyaka eminingi befuna lesi sihlabani sizodlala eRainbow Restaurant.

“Bese silinde isikhathi eside ukuletha lomculi sizama ngayo yonke indlela, besilokhu silindile ngethemba lokumthola,” kuchaza uComfort.

UMakhathini ukhulele eMgungundlovu emndenini ophila ngomculo. Unina ubengumdlali wopiyano kanti uyise ubedlala wesiginci.

Esikoleni wayengomunye wabacula ekhwayeni waze waqeda isikole nasesontweni futhi ecula maqede wayofunda imfundo ephakeme e-University of KwaZulu-Natal.

“Kuhambe kwahamba kwafika lapho izwi selingaphumi yilapho-ke ngaqala ngagxila kupiyano,” kusho uMakhathini.

Usebenze nezinkakha okubalwa oBusi Mhlongo, uZim Ngqawana, uFeya Faku, uJimmy Dludlu, uHerbie Tsaoeli nabanye abaningi. Uke wanandisa koweJoy of Jazz, International Jazz Extravaganza ebiseThekwini neminye imicimbi emikhulu.

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Kushaqise abaningi ukudlula kwenkakha kwezokulingisa