Igobe uphondo i-Sobantu Shooting Stars ibhaxabulwa iMaritzburg City  

Iwona lawa amaqembu ekade edudulana ngempelasonto. Abafake ezimhlophe iMaritzburg City negcine inqobile bese kuthi abafake ezibovu kube iSobantu egcine iguqile kulomdlalo.

 

 

UMPHAKATHI waseMgungundlovu ubuphume ngobuningi bawo ukuzobona amaqembu amabili aziwayo asekhaya edudula  ezinkundleni zemidlalo iWadley Stadium e-Edendale ngoLwesithathu olwedlule.

Lamaqembu womabili abedlala umdlalo weligi i-ABC Motsepe Leauge nokuyili  yesifundazwe sonke nezophela ukuphela kwenyanga ka-Ephreli ngonyaka ozayo.

Iqembu le-Maritzburg City linqobe lomdlalo  ngo 2-1. Leli qembu  likhombise zisasuka nje ukuthi lizimisele ukunqoba lomdlalo njengoba befake  igoli labo  lokuqala ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile kanti neSobantu Shooting Stars nayo ibingazibekile phansi njengoba igalele phakathi igoli lokulinganisa ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini.

IMenenja yeqembu leMaritzburg City uMnu Musa Ntombela uncome kakhulu igalelo lalomdlalo nathe ubuseqophelweni phezulu.  “Lo mdlalo uhambe kahle kakhulu kanti futhi nabalandeli bebephume ngobuningi babo ukuzokweseka amaqembu abo. Sithanda ukubonga bonke abalandeli abaphumile bazokweseka sibonge nendlela abebeziphethe ngayo,” kubeka uNtombela.

 

 

 

 

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

maritzburgsunpubliceyelooklocal.co.zaAutodealer.co.za
Top
Next Story
Usesimweni esibucayi oshayisene ne-ambulensi