Abalandeli bayithwele ngeqoma iMamelodi Sundowns

UNksz Nompumelelo Mbambo ongunobhala wekilabhu yabalandeli beMamelodi Sundowns KwaZulu-Natali. Isithombe: Sithunyelwe

 

ESIKWENZE eGibhithe sizoqhubeka nakho nakwi Ligi ye(PSL) siphinde sivikele nesicoco se Telkom Knockout kusho uNksz Nompumelelo Mbambo ongunobhala wekilabhu yabalandeli beMamelodi Sundowns KwaZulu-Natali.

“Singabalandeli be-KZN Mamelodi Sundowns sijabule kakhulu ngempumelelo yethu eGibhithe. Bekufanele sibuye nayo indebe ngoba besizimisele kodwa abanye abasizondayo bebethi singene ngo back-door kodwa siyazi ukuthi ayikho leyonto,” kusho uNksz Mbambo.

Besifisa nokuthi kubekhona no Castro kodwa ngenxa yokulimala wangaphumelela, ngiyacabanga ukuthi ujabule naye abafana badlale kahle.

Uncoma umsebenzi omuhle womqeqeshi uPitso Mosimane wokubambisana nobuholi bakhe kanye nokulalela abalandeli.

“Abasesicongweni kwi PSL bazodilika ngoba izinkunzi zibuyile. Isikwati sethu siqinile futhi sikulungele ukudlala noma kuphi. Wonke umdlali wethu ukhombisa ukuzimisela okukhulu, wonke umdlali ufuna ukuzibonakalisa uma ethola ithuba enkundleni,” esho.

“Sesingompetha base Africa lokho kuzosinika umfutho nesithunzi nokuthi siqhubeke nokwenza kahle, sizovikela nesicoco se Knockout,” echaza.

 

Abadlali be Sundowns bamukelwe ngelikhulu ihlombe sebebebuya esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo International Airport eGoli ngaphambi kokuthi badlulele eMamelodi lapho bebelindwe khona ezinye izinkumbi zabalandeli.

 

 

Latest News

COMMENTS

Top
Recommended Story x
Bebevive enkantolo abalandeli be-NFP