Uyazifela ngomaskandi umculi osamncane

UQHAMUKILE Ngubane waseNtshongweni eDamini osezidumele ngomasikandi emphakathini wangakubo. Isithombe: Phelelani Hadebe.

INTOKAZI yaseNtshongweni eDamini, uQhamukile Ngubane uthi kuyo yonke into eyenzeka empilweni yayo izwakalisa ilaka layo ngo mculo kodwa hhayi noma yimuphi, kodwa uMaskandi.

Lo mculi osemncane nokungalindelekile ukuthi ongangaye angacula umaskandi,  uthi uyazifela ngalo luhlobo lomculo.

Le ntokazi ithi nakuba  iyakhuluma kungenxa yokugqugquzelwa nguBongumusa Mchunu weqembu lzichomane, obone kungcono ukuthi ayisize ekuphumeleliseni  iphupho layo.

“Umuntu owanginika amandla nogqozi lokuthi ngingene emculweni umfo kaMchunu owazifikela  yena mathupha ekhaya ezongigqugquzela ukuthi ngisukume ngoba ikhono nginalo nokwangicacela  ukuthi umona akanawo emva kokuba esesibonile isiphiwo sami,” kuchaza uQhamukile

Uthe ukhule elalela kakhulu umculo weZingane zoMa neKhansela kanti manje uzifela ngoMjikijelwa.

Uthi usekwazile nokukhipha i-CD yakhe yokuqala enezingoma eziy-10.

Kule CD uthi kunengoma ayithanda kakhulu ethi “Igama Elisha”.

Uthi wayinikezwa ngugogo wakhe ngoba etthi uyathandeka kufanele abe nguThandiwe.

Uthi emphakathini udume njengengane ezithandela umculo kaMasikandi nokusina abanye baze bathi wadlula.

  AUTHOR
Intatheli ye-Eyethu

find your
dream home

looking for an
affordable
apartment

List your Property

It's easy in only three
simple steps...

find professional
services in
your area

Locate a business
operating in
your area

List your Business

Want more customers? They're online right now, searching for businesses like yours. Place your ad now...

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Likhala ngephupho legazi ikhansela elingasabazi ubuthongo