Uthi ubethukile uPhat Joe ecela umshado kuPalesa

Umsakazi we-East Coast Radio Drive uPhat Joe. Isithombe:ECR

UPHAT  Joe uthi ubethukile ngenkathi ecela isithandwa sakhe uPalesa Morgan ukuthi simshade ngoba ebekufihlile nendodana yakhe uBrooklyn njengoba begcine beshadele e-Ulubisi Luxury Safari Lodge eGondongwana Reserve ngaseMossel Bay ngo-Okthoba 2.
“Bekuyindlela ezifike lena kumina, uPalesa wayehlezi engibuza ukuthi yingobani ngimuthanda, ngangishaywa ngamahloni bese ngiyagwajaza,”kusho uJoe.
Uthi benendodana yakhe bebefuna indlela ebukekayo futhi ezokuchaza kahle lokhu. Baqophe i-video enesikeshi baphinda baqopha amazwi abo bekhuluma bobabili.
“Ngoba ngenza le-video yokumcela ukuthi angishade ngoba wayelokhu engibuza ukuthi yingani ngimuthanda. Ngifuna angaphinde angibuze lowo mbuzo futhi,” kusho uJoe.
Uthi le-video iqala ngokuthi ibale izizathu eziyi-5 ezishoyo ukuthi yingani uPalesa eyindlovukazi.
“Ezinye zazo bezithi, akekho umuntu oseke wangithanda kanje emhlabeni phambilini. Uthando lukaPalesa aluzibeki , luhlezi lukhona futhi wonke umuntu uyalubona,” kusho uJoe.
Lezi zithandani sezithandane isikhathi esingangonyaka. Usuku lomshado abakakaluhleli njengoba kulezi zinyanga ezintathu ezedlule bachithe isikhathi beluhlela.

  AUTHOR
Thobile Zwane

Latest News

COMMENTS

Top
Next Story x
Kushone umsebenzi embonini kwaSithebe emva kokuqhuma